UNgqongqoshe wezemfundo esifundazweni saseGauteng usekhiphe isitatimende kulandela ukuboshwa kukathisha owatholakala nezidakamizwa esikoleni. UNgqongqoshe Motame Chiloane uveze ukumangala okukhulu ngothisha waseThoko Thabo Secondary eThokoza,Ekurhuleni emva kokuthi mhla zi14 kuNhlolanja 2024 atholakale engaphakathi emagcekeni esikole ephethe izidakamizwa.
Ngokwemibiko loThisha wabhadanwa nezidakamizwa ngesonto eledlule lapho kwakunesikhwama kanye nebhokisi kokubili kugcwele izidakamizwa. Kwabe sekufonelwa amaphoyisa wabe eseboshwa, nalapho akavela khona eNkantolo mhla zi15 kuNhlolanja 2024.
UNgqongqeshe wezeMfundo uChiloane uthi okumkhalisa kakhulu ukuthi lelicala alikaze libikwe nhlobo eMnyangweni isigungu esibheke isikole ngolwasemzini iSchool Management Team(SMT) ngesikhathi okwakufanele belubike ngalo,nalokho okwaholela ekutheni umphakathi ubhikishe emasangweni esikole namhlanje ngLwesithathu,21 Nhlolanja 2024.
Umnyango nawo usuvule uphenyo lwawo lwangaphakathi kodwa uthisha usesusiwe esikoleni.” Siphoxeke kakhulu ngalesenzo,futhi sikukhahlela ngaazo zombili ukwenza okufana nalokhu kanti sizothatha izinyathelo ezivimbela lento ukuze ingaphinde yenzeke ezikoleni. Sicela umphakathi ukuthi uvumele umnyango ukuthi ukubhekana nqo naloludaba kanye neminye iminyango egunyaziwe ukuqinisa umthetho “kukhuluma uNgqongqoshe.