UPHUME NGEBHEYILI UMONGAMELI WESAFA

UMongameli wesigungu esingamele ibhola likanobhutshuzwayo kulelizwe esaziwa ngeSouth African Football Association okuyi SAFA ngamafuphi, uMnumzane Danny Jordaan oneminyaka engamashumi ayisikhombisa nantathu (73), uzakwabo oyiCFO umnumzane Gronie Hluyo (55) kanye nosomabhizinisi uTrevor Neethling(46) baboshiwe emva kophenyo mayelana nezinsolo zokukhwabanisa imali eR1.3 million esikhungweni sezemidlalo akasingamele okuyiSAFA. Lemali kubikwa ukuthi yakhwabaniswa phakathi kuka 2014 naku2018.

Bavele enkantolo iPalm Ridge khona namuhla

Bamhlanje ngoLwesithathu 13 November 2024, bavele eNkantolo kaMantshi ebhekana namacala abucayi obugebengu ePalmRidge. Ukuvelwa kwabo enkantolo bebeyocela ibheyili ngamacala abathweswe wona ingalo yomthetho. Bonke labasolwa baphume ngebheyili yama R20 000 umuntu ngamunye. UMongameli weSAFA bamvumelile ukuthi ahambe nayo iPassport yakhe kodwa ngaphansi kwemigomo yokuthi uma kwenzeka kumele ayisebenzise ngokuhamba kumele eqale ebikele abomthetho. Lokhu uzonkwenza inqobo nje esengumomgameli weSAFA.Icala lihlehliselwe umhla zi5 December 2024

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *