UNKOSIKAZI UGWETSHIWE NGOKUBULALA UMKHWENYANA OYIPHOYISA.

UAndiswa Nqiqi oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili (38) ubudala ongowesimame, ugwetshwe iminyaka emihlanu esejele,kuthi eminye emihlanu nezinyanga ezingamashumi amathathu nesithupha uzozidonsa ngaphandle kongaphansi kwehlo lomnyango wokuhlumeleliswa kwezimilo ngecala lokubulala umkhwenyana wakhe,owayeyiphoyisa uConstable Wongama Nqiqi oneminyaka engamashumi amabili nanhlanu (25) ubudala. Lenhlekelele yenzeka elokishini laseZwide eBhayi nokwathusa abantu abaningi emphakathini nokuveza izimpawu zodlame olwenzeka emakhaya nasebudlelwaneni,okugcina sekwenzeka ngisho kubaphathi bomthetho kwazise umyeni beyiphoyisa.

Lelicala laqale laba indida ngoba uAndiswa Nqiqi waqale wawakhohlisa amaphoyise ngeskhathi ephenya imbangela yokushona komkhwenyana wakhe, nalapho akaveza khona ukuthi lomlisa uzibulele. Nokwathi uma amaphoyisa eqhubeka nophenyo lwawo athola ukuthi laba bobabili bebenakho ukuhlala ngokuklwebhana nokwaba yimbangela yokuthi unkosikazi egcine ibulala umyeni wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *