UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kwaKwaZulu-Natal, uThulasizwe Buthelezi, ukuncomile ukuboshwa kweMeya, iPhini leMeya kanye noSomlomo kaMasipala wakwaNongoma ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo.
UButhelezi uthe ukuboshwa kwalaba kuthumela umyalezo oqinile wokuthi inkohlakalo ngeke ibekezelelwe futhi ikhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekuqedeni inkohlakalo nokubuyisela ukuziphendulela komasipala.
UNgqongqoshe ukusho lokhu emhlanganweni obusegunjini lomkhandlu kaMasipala wakwaNongoma kuleli sonto lapho ehlangane khona nawo wonke amakhansela wethula uMpumelelo Bongani Mnguni njengeBamba leMenenja kaMasipala.
Ukuqokwa kukaMnguni kulandela isinqumo sakamuva seNkantolo eNkulu, esibeke eceleni ukuqokwa kwangaphambilini kweBamba leMenenja kaMasipala kanye neBamba leSikhulu Esiphezulu Sezezimali.
Isinqumo senkantolo sigqamise ubunzima obukhulu bezezimali kumasipala ngenxa yezimpi zezomthetho ezingenangqondo.
“Umasipala ubhekene nezinselelo ezinkulu zezimali, izindleko zabasebenzi zidlula u-50% wesabelomali, i-overdraft, kanye nezibonelelo zephrojekthi ezikhathele. Ibamba leMenenja kaMasipala lijutshwe ukuthi lisimamise isimo sezimali kanye nokuqinisekisa ukulethwa kwezinsiza ngaphandle kweziphazamiso, kusho uM” Buthelezi.
UNgqongqoshe ukuqinisekisile ukuzibophezela kwakhe ekwesekeni bonke omasipala esifundazweni futhi uzoqhubeka nokuthatha izinyathelo ezinqala ukuze kugcinwe umthetho nokuqinisekisa ukuthi omasipala bayawenza umsebenzi wabo.