Umqeqeshi weBafana Bafana useqinesekile ngekusasa lakhe ukuthi limiphi eqenjini lesizwe lakuleli emva kokuthi iqembu lakhe lenze kahle emqudelwaneni webhola wamazwe asezwenikazi Afrika (AFCON). Ukudlala ngokuzimisela kweBafana Bafana kwenze umlolongi wayo uHugo Broos abe undaba mlonyeni emazweni amaningi. Lomqeqeshi ongowokudabuka ezweni laseBelgium waziwa kakhulu ngamava akhe okulolonga ngoba nayolendebe ebidlalelwa sewake wayithatha nezwe laseCameroon.
Umqeqeshi usecacisile ngekusasa lakhe emva kokuthi esize iBafana igcine ilale endaweni yesithathu kulomqudelwano, lase lihlomula indondo yethusi nalokho okwenze iBafana Bafana iyifake okwesine lendondo kulomqudelwano nakuba besikade yagcina ukufika kulesigaba ngokungenzi kahle kwayo emiqudelwaneni eminingi, nobesekuyidalele isgcwagcwa ebantwini abaningi bakulelizwe laseNingizimu Afrika umqeqeshi uphawule kanje ”Kujwayelekile uma ube nemiphumela emihle noma udlale kahle emncintiswaneni, isbonelo njengabadlali bethu badlale kahle kakhulu lokho osekwenze amaqembu amaningi abe netshisekelo kunadlali bethu.”
Waquba ngokuthi ” Kubadlali amaqembu asuke ebabhekile,kanti umqeqeshi amanye amazwe. Nginalo lololwazi njengoba sengimnkatshubomvu kulendebe nangesikhathi ngiyinqoba nezwe lase Cameroon kwaba namahlebezi abaningi nabantu ababencoma ukuth umqeqeshi wenze kahle, ngakhoke lelizwe naleliyazwe liyamfuna okuyinzwabethi. Ngingasho namhlanje ukuthi akukho lutho. Uma uHogo Broos eshiya iNingizimu Afrika kuyobe kungenxa yabaphathi bebhola kulelizwe (SAFA) abayonquma ukuthi ngishiye kuphela. ”Ngijabule kakhulu ngomsebenzi wami. Ngijabule kakhulu ngeqembu,nomake ngingahlale ngijabule njalo ngabezindaba kodwa ngiyakugwinya kunjalo futhi ngiyethema ukuthi abantu bazoqhubeka nokweseka iqembu ngoba liyakudinga ukwesekwa.”