Umqeqeshi WeBafana Bafana uBroos Umemeźele Abadlali Azohlunga Kubo Abazosimela Kweyobungani eAlgeria.

Izolo ngoLwesine mhlaka 07 kuNdasa 2024, umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubize isikwata sakhe esabadlali abangamashumi amathathu nambili 32 abazomela izwe lakuleli emidlalweni ezoba khona yobungani ngesikhathi sekhefu eligunyazwe abaphathi bebhola emhlabeni wonke iFifa, lemidlalo izoba sezweni lase Algeria kuyo lenyanga.

Lemidlalo engaphansi kweFifa izoqala ukudlala ziyi18 kuya ema 26 kuNdasa 2024 kuzobe kungokokuqala uBroos ehlangana neqembu lesizwe ngoba balokhu begcine ngoMasingana emidlalweni yeAFCON nalapho abalala khona isithathu banqoba indondo yethusi, emdlalweni owawuphakathi kwaBafana nezwe laseDR Congo lowamdlalo waphela sekukhahlelwa amaphenathi lapho esanqoba ngo 6-5. Lomncintiswano wawubanjelwe ezweni lase Cote d’Ivoire nalapho lelizwe laba ngompetha bomncintiswano.

Umqeqeshi Broos wenza amalungiselelo womdlalo wobungani wokuqala phakathi kwethu neAndorra enkundleni i19 May 1956 eAnnaba, eAlgeria ngoLwesine,21 kuNdasa 2024. Bese bephinde bedlale nezwe lakulelazwe enkundleni Nelson Mandela khona eAlgeria ngoLwesibili, 26 kuNdasa 2024 ngaphambi kokuthi amabombo bewabhekise ekhaya.

Umqeqeshi usazohlunga iqembu akazohamba lano kodwa okwamanje abadlali ababiziwe bami kanje.

KONOZINTI

Ronwen WILLIAMS (Mamelodi Sundowns)
Bruce BVUMA (Kaizer Chiefs)
Ricardo GOSS (Supersport United)
Veli MOTHWA (AmaZulu)

Abasemuza

Sydney MOBBIE (Sekhukhune United)
Bradley CROSS (Golden Arrows)
Thapelo MORENA (Mamelodi Sundowns)
Nkosinathi SIBISI (Orlando Pirates)
Aubrey MODIBA (Mamelodi Sundowns)
Siyanda XULU (Supersport United)
Mothobi MVALA (Mamelodi Sundowns)
Tapelo XOKI (Orlando Pirates)
Siyabonga NGEZANA (FCSB, Romania)
Khuliso MUDAU (Mamelodi Sundowns)
Innocent Maela (Orlando Pirates)
Terrence Mashego (Mamelodi Sundowns)

Abasesiswini

Teboho MOKOENA (Mamelodi Sundowns)
Goodman MOSELE (Chippa United)
Jayden ADAM (Stellenbosch FC)
Sphephelo SITHOLE (CD Tondela, Portugal)
Thabang MONARE (Orlando Pirates)

Abagadli
Themba ZWANE (Mamelodi Sundowns)
Oswin APPOLLIS (Polokwane City)
Patrick MASWANGANYI (Orlando Pirates)
Mihlali MAYAMBELA (Aris Limassol, Cyprus)
Mlondi MBANJWA (AmaZulu)
Iqraam RAYNERS (Stellenbosch FC)
Tshepang MOREMI (AmaZulu)
Elias MOKWANA (Sekhukhune United)
Grant MARGEMAN (Supersport United)
Evidence MAKGOPA (Orlando Pirates)
Thapelo MASEKO (Mamelodi Sundowns)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *