Umlisa oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye ubudala (29) nodabuka ezweni elingomakhelwane naleli okuyi Malawi, ubanjwe umphakathi wamfaka induku emva kokubanjwa esendlini elala izingane zamantombazane zandawonye endaweni iHezelmere ebudebuduze neNdwedwe esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Lesigameko senzeke ngezikhathi zasekuseni ngeSabatha leli layizolo, 25 May 2024. Abahlali babesebethinta inkampani yonogada ebizwa ngeReaction Unit khona ekuseni becela ukuthi izobasiza emva kokubamba lomlisa bathi ukuxoxa naye kancane. Abathe mebefika onogada baxhumana nabazali bezingane zamantombazane ayizelamani encane ineminyaka (9), enye ina(14) eyesithathu nokwiyona ekhulile kulezingane ina(18).
Babe sebelandisela onogada ukuthi izingane bezilele kwenye indlu zodwa. Lomakhelwane wangena kulendlu yamantombazane wambula izingubo ebezizimbethe zonke zontathu. Lomlisa ube eseqala ukuziphuthaza emzimbeni okuthe eyodwa kulezingane iphaphama yabe isimemeza kakhulu icela usizo kubazali babo, bona abebelele endlini enkulu. Lomsolwa uvele wacela empunzini. Ngenhlanhla kanti izingane zimbonile futhi ziyamazi njengomakhelwane. Ekubalekeni kwakhe kusale uphaqa wakhe endlini nokuyiwo owenze ukuthi kugcwaliseke ukuthi uye ngempela.
Abazali bezingane zamantombazane kanye namalunga omphakathi abe esemcinga endaweni nalapho ambhadame estolo esiseduzane. Babe sebembeka izandla kwathi sebeqedile babiza onogada RUSA ukuthi bebasize. Umlisa ngesaskhathi ebuzwa ngalesgameko uphikile, wathi akazani yena nalezinsolo kodwa uthe uyile egcekeni lakhona ukuyobheka umngani wakhe. Ube esekuqinisekisa ngomlomo wakhe ukuthi labophaqa abatholakele abakhe kodwa akazi ukuthi bangene kanjani elawini lamantombazane. Ube esekhalelwa amasongo kasgonyela,amaphoyisa aseVerulam ahamba naye ukuze aqhubeke nophenyo.