UMNYANGO WEZEMPILO UXWAYISA ABANTU NGOTWAYI LWEZINKAWU.

Kuxwayiswa abantu basesifundazweni saKwaZulu-Natal ukuba beqaphele ngesifo sotwayi lwezinkawu esesiqubukile. Kutholakale abesilisa ababili esibhedlela sikahulumeni eThekweni esibizwa ngeSt Augustine. Kuthe makuhlolwa imbangela yotwayi olubamilayo imiphumela yabuya ikhomba ukuthi utwayi lezinkawu( monkey pox)

Emva kwalaba ababili abatholakele nalesifo,sekunyuke isibalo sabantu abanalolutwayi kwaba abantu abane. Kubikwa ukuthi abathathu bakwaZulu Natal kuthi oyedwa abe sesifundazweni saseGauteng. Bonke labantu okutholakale kubo lesifo baneminyaka elinganiselwa emashumini amathathu.

Kuyaxwayiswa ukuthi abantu begweme ukuhamba bezibandakana nabantu ngoba lesifo sithelelana ngokuthintana, nokuzixhumanisa ngokokungamana kanye nokuqabulana kungakwenza utheleleke kulesisifo. Ukuthinta izinto ezisentshenziswa umuntu osehaqwe ilesifo njengezingubo zakhe zokugqoka kanye nezokulala, nokuthi ulale embhedeni obulele umuntu onalolu twayi nawe ungatheleleka.

Izimpawu zalolutwayi lwezinkawu(monkey pox) zihlukahlukene kuyenzeka uzwe ungenwa umkhuhlane,uphinde uphathwe ikhanda elibuhlungu ngokweqile, ukuvuvukala kwamalymph nodes, ubuhlungu obungemuva eqolo, ukubabuhlungu nokudonseka kwemisipha, kanye nokuba nesibhocobhoco uphelelwe umdlandla, ibe isiveza amaqhuqhuva amancane abomvu abahlungu enjalo nje. Lawomaqhuqhuva akhule egcwale ubomvu.

Indlela yokugwema lesifo singangafiki kuwe ebaluleke kakhulu ukuthi usigomele ngoba ngisho usuthelelekile uma usugomile ayibe isakhula kodwa iyasha iphele. Nciphisa ukuthintana nabantu ngoba kungenzela ukuthi sebethelelekile noma banezilwane ezingabathelela. Kupheke kuzuthisiswe konke ukudla ukuqukethe izicubu zenyama. Geza izandla ngasosonke iskhathi ngensipho namanzi. Zijwayeze ucansi oluphephile,faka isifonyo esizovikela umlomo wakho kanye nekhala lakho umauseduze kwabant abaningi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *