umnyango wezempilo usucele ukuthi kwandiswe abakwasidlodlo kulandela ubelelesi osebuyinsakavukela umchilo wesdwaba esbhedlela rahima moosa okungeso mama kanye nabantwana.

Umyango wezempilo esifundazweni sase Gauteng usucele ukuba kwandiswe ezakwasidlodlo ukuba zibheke ngelokhozi lobulelesi obubhidlange kulesibhedlela, nokwenza kube inzukay nkeyi komama abasuke befuna usizo kulesibhedlela. Lokhu kulandela izigameko ezimbili ezisanda kubikwa kuso lesbhedlela zobugebengu. Umnyango suhambe wayofuna usizo kwabakwasidlodlo abaseduze nalendawo okuyi Coronationville ekhona kwanyama kaypheli kuphela amazinyo endoda ukuba bezibonakalise kulesibhedlela ngobuningi babo.

Okhulumela umyango uMatalatela Modiba uthe sekube nezigameko ezimbili ezenzeke ngoZibandlela nyakenye okwafikwa kuzobikwa ngazo lokhu kuhlanganisa ukudunwa kwemoto kanye nokudubula okwaba khona ngenhloso yabo ubungebengu. Kulena yokuqala ingozi umhlengikazi wadunwa imoto ekhonjwe ngonyawo lwekati ephuma emsebenzini, eyesibili kubikwa ukuth yenzeke kulonyaka ngenyanga kaMasingana zingamashumi amabili nesikhombisa izinsuku lapho kwakuphucwa abantu ababili esangweni lasesbhedlela imoto yabo, imoto yathathwa nje benemizuzu emibili bengenile esangweni lasesbhedlela yase iyafika lemigulukudu yabakhomba ngezulu lezandla yabe isicela empinzini ngemoto yaleziguli ezazize ngosizo esbhedlela. ” Imoto yabe isitholakala kodwa ngokuhamba kweskhathi ” kusho Modiba.

Ube esekubalula nokuthi iziguli eziningi eziza esbhedlela zihlale ziletha izikhalazo ngobungebengu ubudlangile kulendawo nasemgwaqeni eseduze kwalendawo lokho kuyazikhinyabeza iziguli uma zifika zizofuna usizo kulendawo ngoba zigcina sezihlukumezeka kakhulu ekubeni nasegazini zibuthakathaka, ngoba akugcini kodudunwa kwezimoto kodwa nezikhwama ziyahlwithwa kanye npmakhalekhukhwini bayabatshontsha bebaleke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *