UMNYANGO UKWAMUKEKE UKUBOSHWA KOMNTWANA WASENDLUKULU.

UMnyango wezokuBusa ngokubambisana kanye nezindaba zesintu KwaZulu-Natal ukwamukele ukuboshwa kukamntwana uLungalomndeni Zulu nozakwabo, mayelana nokwebiwa kwezokumbiwa zika-R26m eRichards Bay Minerals (RBM).).

UZulu usolwa ngokubandakanyeka eqenjini lezigidigidi zokwebiwa kwezokumbiwa okusolakala ukuthi laphanga impahla engacutshungulwanga kwa-RBM enyakatho yeKwaZulu-Natal. Waboshwa ngo-Okthoba 5 endaweni akahlala kuyo yubukhosi esgodlweni KwaZiphethe KwaNongoma ngamalungu e-Operation Vala Umgodi, ithimba lamaphoyisa elasungulwa ukubhekana nezimayini ezingekho emthethweni eRichards Bay.

UZulu uvele enkantolo yemantshi yaseMpangeni nozakwabo, ongusomabhizinisi uRichard Malinga waseThekwini, ngomhlaka-7 Okthoba. Umuntu ngamunye wanikezwa ibheyili ka-R50 000.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokubambisana uThulasize Buthelezi, ophinde abe nguNdunankulu wobukhosi bakwaZulu, ushayele ihlombe abomthetho kanye neNational Prosecuting Authority (NPA) ngokubhekana naleli qembu.

“Siyakwamukela lokhu kuboshwa njengoba kuthumela umyalezo oqinile ubugebengu budingidwa kakhulu KwaZulu-Natal. Kuyacaca ukuthi amaphoyisa manje asebambe iqhaza elikhulu ekulweni neqembu elisolwa ngobugebengu likaMntwana Lungalomndeni, elidale umonakalo omkhulu emnothweni wesifundazwe sethu, kusho u” Buthelezi.

UZulu, obeseqenjini lasebukhosini eleseka uMntwana uSimakade esikhundleni sobukhosi bukaZulu ngokumelene nenkosi uMisuzulu, uphakathi kwabasolwa okungenani abayisithupha abathweswe icala lokweba ezokumbiwa zika-R26m ze-RBM.

Izinsolo zokubandakanyeka kwakhe kuleli qembu wukuhlinzeka ngezokumbiwa ezebiwe endaweni yokugcina impahla iSouthway Freight eSiphingo, eThekwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *