UMMELI UBOSHELWE UKWEBA IMALI KARAF

Ithimba loKlebe(Hawks) eliphenya amacala abucayi abandakanya ukwetshiwa kwezimali, libophe uMnumzane Michael Senotse Mabunda (42)ongummeli. Bamnikeze amasamanisi okuboshwa mayelana necala elavulwa esteshini samaphoyisa aseNyakatho nePitoli enyangeni ka-August 2024.

Kubikwa ukuthi uMabunda, ongummeli wafaka isicelo semali yesinxephezelo yezingozi zomgwaqo( Road Accident Fund) ngaphansi komuntu owayemusiza. Kwathi abakwaRoad Accident Fund sebekhokha isamba semali elinganiselwa ezigidini zamarandi ayi R10,562,173.21 yafakwa eskhwameni senhlangano yabammeli. Lapho kuvela khona ukuthi uMnumzane Mabunda akayidlulisanga imali kumnikazi wayo owayefakelwe isicelo, wabe esebika imbiba nebuzi kumnikazi wemali.

UMnumzane Mabunda uvele okokuqala enkantolo ebhekela amacala obugebengu obuthinta izimali okuyiPretoria Specialized Commercial Crime ngolwesibili,15 October 2024. Icala lihlehliselwe umhlaka 26 November 2024.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *