Amaphoyisa aseMalamulele,kwiVhembe District, eLimpompo abophe umfana oneminyaka eyishumi neskhombisa ngokugwaza abulale omunye umfundi oneminyaka eyishumi nanhlanu esikoleni samabanga aphakeme endawni yaseMalamulele ngoLwesine mhlaka 29 kuNhlolanja 2024.
Ngokwemibiko etholakele, kubekhona ukuxabana kulabafanyana ngeskhathi kunomcimbi wezamasiko obubanjelwe kesinye sezikole zendawo zamabanga aphakeme khona kulendawo yaseMalamulele. Bathe besaxakazisana lo umunye obulele wavele wadonsa insabula wamgwaza amanxeba agcine emthathile emhlabeni uInnocent Mchavi (15),yena ohlala endaweni yaseMulamula. Ukushesha kosizo lokuqala ukuzama ukuphuthumisa lomfundi esibhedlela akusizanga ngoba uthulele endleleni.
Umsuka wenxabano yabo ayikaziwa ngokunjalo abakwasidlodlo basaphenya, ukuze bethole unobangela oholele ekutheni lona omunye egwazwe. Umsolwa njengamanje usezikhindini kulindeleke ukuthi avele enkantolo kaMantshi eMalamulele ngoMsombuluko, 04 kuNdasa 2024 ukuze ezobhekana namacala akhe.