UMDLALI WASEBRAZIL USELAHLWE ICALA LOKUDLWENGULA.

Owayengumdlali webhola wezwe laseBrazil,aphinde abe isiqonqwane sasemuva seqembu lebhola laseSpain,iBarcelona Fc okungu Deni Alves omeminyaka engamashumi amane 40 inkantolo yaseBarcelona isimthole enecala lokunukubeza ngokocansi nalapho akagwetshwe iminyaka emine nezinyanga eziisithupha ebhadla ejele.

Inkantolo yaseBarcelona imthole lomdlali enecala lokunukubeza ingane encane nokuthiwa wahlangana nayo ezindaweni zobumnandi (nightclub) ngonyaka ka 2022. Lesinqumo siphume emva kwamajaji amathathu abehleli izinsuku ezintathu kulenyanga kaNhlolanja edingida loludaba. Lomdlali uDeni Alves uphikile ukuthi khona yena akakwenza okungahambelani nomthetho ngeskhathi kuqulwa lelicala.

Inkantolo ithole ukuthi Alves wamnukubeza lontombazanyana ekuseni ngomhla zinga31 kuZibandlela 2022,lapho lentokazi ythi wayidlwengulela endaweni yokugeza kwenye yezindawo zobumnandi kulo leladolobha lase Barcelona.

Umshushisi kahulumeni bethi akagwetshe iminyaka eyisishiyagalolunye ejele lapho ummeli kamumangali ethi akadonse ishumi nambili leminya.Ummeli wakhe ucele ukuthi uma inkantolo imthola enecala akadonse unyaka owodwa ejele bese ehlawula isamba sika €50, 000 (R1,028,617.50) okuyimali yesinxephezelo.

Lomdlali lokho wahlala ejele mhla zinga20 kuMasingana 2023 emva kokuboshwa. Imizamo yakhe yebhelili ayiphumelelanga ngoba wanqatshela ngoba kuthiwa engandiza kalula ebalekele kwamanye amazwe. Ngoba kuyaziwa ukuthi izwe lakubo eBrazil aliziphindiseli izephula mthetho uma ziwuphule kwamanye amazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *