Ukuzalwa wembethe kuyinto ecindezela abantu abaningi abamnyama base Afrika ngoba uma uzalwe kanjalo kudingeka ulandele imigudu ethize. Kuhlukene kaningike nakho ukubhatha ngoba kukhona okumboza umzimba wonke lokho okuthathwa njengesipho sakhe akasiphiwe ngabadala okungaba ingcebo, ubuholi noma ukuphumelala kukho konke okwenzayo. Kube nokumbatha okuba yiminqwambo njengeyezangoma akazalwa iphambene emahlombe yehlele emzimbeni. Lowoke uthathwa njengesangoma eskhulu kakhulu ngoba suke ephiwe isipho sobungoma. Omunye kanti bekumele ebe yiwele kwangenzeka wase embhatha umnekwabo.
Kuqala abantu besazalelwa emakhaya kwakuma lula ukuthi kwaziwe ukuthi uzalwe embethe ngoba izalukazi ezazingababelethisi zazibheka konke lokho futhi zikwazi ukuyhlukanisa ingubo yomuntu kanye nokunye. Kodwa ukuhamba kweskhathi nokuthuthuka kwenhlalompilo sekubelethelwa emtholampilo. Kuyo imthilampilo abahlengikazi abadala babeyazi ingubo nokubaluleka kwayo, nokwakugcina kubenza beyintshontshe beyithengisele abelaphi bendabuku ukuze bezokwenza amakhubalo abo. Lokho okwakuba umthelela ingemuhle kumnikazi wayo ngoba wayegcina ehlupheka kakhulu noma aze agule ngekhanda ngoba izinhlanhla zakhe zisetshenziswa abanye abantu ngokungesikho.
Yini okumele uyibheke ngaphambi kokumbula ingumo?
Ngaphambi kokuthi ubhule ingubo kunezinto okumele uzithole kungaba abakini noma ababonayo. Kumele wazi ukuthi lengumbo uyiphiwe kuphi okungenzeka eyakini noma eyakonyokolume, kwabanye kuyenzeka ibe ngeyakubo kagogo wakhe kungaba ozala unina noma uyise. Abantu abadalake babekwazi ukubona izinto ngoba uma uzalwe umbethe baqapha izimpawu ezithize kuwe ezizokhombisa ukuthi wambathisa abakwabani. Uma ingubo kungeyakini bazokubona ngoba ufana nabakini, kubo abakini bebheke ikhehla olifuzile bese bebona ukuthi yilo elakupha isipho. Noma kungaba abakumalume nakhona kuzobhekwa ikhehla olifuzile bese kuba yilo umnikazi wesipho.
Kungabe kuyabandinga yini abelaphi bendabuko ukubhulwa ingubo?
Ingubo ayihlangene nakancane nabelaphi bendabuko injalo nje ayibadingi abelaphi bendabuko ngoba into eqondene nokuzalwa komuntu eyomndeni. Kodwake ngekwemkhuba yabantu sebeba khona abalaphi bendabuko abathi bayakwenza lokho ngezindlela zabo, futhi esingeke siziphikise ngoba asizazi. Kodwa okubalulekile ukuthi ungabathinta abelaphi bendabuko ikakhulukazi laba abahlolayo ukuze bekutshele ukuthi ngabe ubani lo owakupha lesipho sengubo. Emva kwalokho yonke into isuke isisele emndenini wakini. Ngoba umuntu umbulwa umzali wakhe ingubo uma ezalelwe komalume ubhulwa unina lume.
Imbulwa kanjani ingubo yomuntu ozalwa embethe.
Ukubhulwa ingubo kuyafana kungabe umuntu uzalelwe kubo noma komalume. Uma uzalelwe kini lapho sihlo umuntu ozalelwe emshadweni yena ubhulwa uyise omzalayo ingubo bese kuthi ozalelwe konina lume usizwa umalume wakhe. Uma umuntu ezalwe embethwe kuthathwa imbuzi lo ofanele ukumlungisela aye emsamu endlini yangasenhla le okuyindlu yabadala okwenzelwa khona yonke into efike eshise impepho ebekele abakubo ukuthi nansi ingane eyazalwa inesipho namhlanje sibhula lesosipho ukuze kuzovuleka isipho sayo sisebenze. Uma sekukhulunyiwe lo ombulayo akasaphumi uhlala endlini. Kubulawe impahla okuyimbuzi ihlinzwe kukhishwe umhlwehlwe ubekwe emahlombe omuntu ombula ingubo.
Ngesikhathi kusalindiwe kubiliswa impepho ngamanzi esphethu noma awempophoma noma awemvula noma abusisiwe ngokwenkolo kodwa kufuneka amanzi amsulwa. Uma sekubilile kulindwa kuhlukane usuku, laphoke kuyothi phakathi kwamabili uyise noma umalume emthathe beye ezansi kwesibaya lapho kuthelwa kancane umhlwehlwe ngalamanzi kukhulunye ukuthi iyagezwa ingubo manje bese wonke amanzi efakwa endishini egeze ombulayo akhulume ukuthi konke owayekunikiwe akubuye kuvuleke. Uma eseqedile ukugeza ubuyela endlini yangasenhla uyohlala khona eze elale khona.
Sekuyothi ekuseni kukhishwa lenyama iyaphekwa iyavuthwa ingena ngaphakathi endlini. uma sekukhishwa izithebe lona esingaye uzophakelwa yedwa edle eqede uma esesuthi, sekuyobe sekukhishwa izithebe bedle bonke abantu njengejwayelo uma kubulawe impahla egcekeni. Uzolala kulendlu yangasenhla izinsuku eziyisikhombisa sekuyothi emvakwalapho uyise ebike ukuthi uyaykhipha ingubo uma enamandla usengayikhipha ngemplahla uma engekho uyoshisa impepho emsamu bese eyamkhipha eyilengise endlini yangasenhla lapho kushiswa khona impepho.
Uma umuntu ezalelwe emshadweni kodwa wabhathiswa abakomalume wena njani?
Usiye uhamba naye konina lume efike ame emasangweni ekhuleke ezibike bese uyamukelwa angene uma esengenile bese echaza ukuthi nina basekhweni lami ngize nganangu umntwana sihambile sayobheka kwabamanga basikhomba ukuthi umntwana lesipho akazalwa naso wasiphiwa laykhaya ngakho sicela nimumbulele sona. Emva kwezivumelwano bese uyahamba usuye wengane okumele imbule ingubo. Umalume usezokwenza konke lokho obekwenziwa ngasenhlauyise womntwana.
Uzothi umshana mesehlale lezinsuku eziyisikhombisa umalume bese ymhlabela imbuzi ebike ukuthi useqedile abeze ngakho layikhaya futhi useyahamba ubuyela kubo. Umalume emuphe isipho kungaba yimbuzi noma inkomo kodwa wayephiwa into ezofike ibonise ukuthi ngempela inhlanhla imbulekile yini, ngoba uma kuyimfuyo kumele ifike izale yande kubo okuyizimpawo zomcimbi obe yimpumelelo.
Uma umalume emhlabele imbuzi uzothatha uhlangothi elufake esthebeni salayikhaya ehambe naso kubo nomntwana kanye nesipho. Mefika esangweni uyakhuleka uyabika ukuthi ulethe umshana wakhe layikhaya enjalo nje umhathele nesipho. Bemungenise bese bethatha loluhlangothi noyise wengane ebonge futhi ebike ngembuzi ukuthi ingane isibuyile. Naye useyothatha isthebe salaykhaya afakele umlamu wakhe uhlangothi akazohamba nalo kubo ngalokhokhe suke sekuphelele.