Indlela yokulanda abantu abadala ihlukene noma kusuke kwenziwa into eyodwa, ungasebenzisa imbuzi kanti futhi nezinkukhu ziyasebenza ngenxa yokungabibikho kwamandla ebantwini okusuke kumele belungise. Namhlanje sizobheka sigxile ukulanda abantu abadala usebenzisa izinkukhu okuyizo ezibizwa ngamajuba emsamu.
Ngaphambi kokuya emfuleni noma olwandle udinga izinkukhu ezintathu izikhukhukazi ezibomvu, ibhakede u5L,ummese,noR50 ohlangene nehlahla ozobalanda ngalo kungaba ubhoko, ishoba,ihawu,umkhonto,iqhabanga,umshanelo,isundu,amaflag kanye nokunye ongakusebenzisa noma enikusebenzisa kini. Uma uysuya emfuleni ushiya endlini yangasenhla umise iladi, ushiye izibani zikhanya uye emfuleni noma olwandle. Asikhoke iskhathi esiqondile nesibekiwee sokwenza lomsebenzi ungawenza noma ngasiphi iskhathi.
Okusho uma ufika emanzini
Siyakhuleka kubanikazi bomfula uma usemfuleni, uma usolwandle usho ulwandle, namhlanje silande umndeni wakwasbanibani nemimoya yawo nezizukulwane zawo zonke. Nalabo abangasenamndeni eskwabhubha wonke umuntu kuwo awungasali. Namakhosikazi ayeganele laykhaya kwasbanibani nemimoya yawo nesizukulwane sawo sonke kanye naleyo eyasingenayo thina esiphilayo nawo awungasali awubambelele kuleli kulomndeni noma idlozi esililandile. Bese uphosa uR50 ohlangene siwugoqile sikhulume sithi siyawunikelela lomndeni esiwulandile sicela umfula noma ulwandle uwudedele. Emva kwalokho ukha amanzi abe uhhafu ka5L bese niyaqhela eduze kwamanzi.
Okulandelayo
Sinquma inkukhu igazi liconsela phansi emhlabathini, lapho uyaqiniseka ukuthi alingeni ebhakedeni, ukhipha inyongo nodoti wengingila uwufake ebhakedeni lili olifake uhhafu wamanzi. Uchela ihlahla leli eliphethwe lokulanda bese uyakhuluma uthi, Siyabageza bonke laba ekade sibacela emanzini. Sicela ukuthi sihambe nabo begezile bebahle. Nalaba abazolanda bomndeni bageze izandla, izinyawi nobusu bebe bekhuluma ukuthi nathi siyageza ukuze siniphathe kahle sigezile sihlambulukile sekuyothi okusalayo lapho kuthelwa emanzini ngenhloso yokuwa hlambulula nawo kulokhu ebenizokwenza kuwo, okhulumayo useyasho. Siyamageza ngoba ayasisiza sicela ahlale emahle njalo. Bese kulahlwa inkukhu ibhakede nommese kude nomfula. Bese sithatha ihlahla sibacele ukuthi asihambe siye emotweni eya ekhaya. Sibike nosizi esinalo lapho esiya khona, sibike nezinto esizohlangabezana nazo endleleninjengokuvala kwamaRobot,ukuwela umfula nokunye esizohlangabezana nakho endleleni. Ekhaya bayomukelwa usibongo fana esingazili naye makushoniwe noma umuntu osebenza abantu noma ngayiphi indlela uma nje kungowesilisa.
Okushiwo umshisi wepmepho
Uthatha inkukhu yesibili abike ukuthi umndeni okade ulandiwe emanzini usufikile sicela siphume siwuhlangabeze, uma esefikile esangweni uthi siyawamukela umndeni okade ulandwe emanzini usufikile sicela siphume siwuhlangabeze. Uma esefikile esangweni uthi: siyawamukela umndeniokade ulandwe emanzini nanti ijuba(inkukhu) esiwamukela ngalo. Sicela ungene ngaphakathi okuningi sokukhuluma ngaphakathi uma sesifike endlin senze njengoba kade senza emfuleni. lanake manje igazi lenkukhu liyakhongozwela libekwe emsamu. ukhishwe inyongo nodoti wengingila kufakwe kujeke onamanzi ankiwe laykhaya kuchelwe ihlahla abe ekhuluma umshisi mpepho ukuthi siyanamukela mndeni wakwasbanibani njengoba ekade ekhuluma ebalanda emfuleni. Okusala sibamukela sikubeka emsamu sesiyochela ngakho kusasa igceke lonke sibe sikhuluma sithi. Njengoba kade siningenisa izolo sicela nisilungisele, lapho ubala konke enikufunayo nokunixakile.