Ukunakekela nokugonwa kamazinyane

Kubalulekile ukunakekela izinyane kusuka ngosuku lalo lokuqala lizelwe ukuze uzogwema ukuthi life emva kwezinsuku ezimbalwa lizelwe. Kunezizathu eziningi ezenza izinyane life lisenezinsuku lizelwe noma amasonto lizele okokuqala kuyenzeka ukuthi unina akanalo ubisi aluphumi, noma lizaleke lababuthaka lidinga ulinake ngemithi ezolinika amandla noma lihluleke ukwamukela isimo elizalelwe kuso njengemvula nje kanje noma ukubanda okukhulu nama ukushisa okweqili.

Ukugoma amazinyane kuba nezikhathi zakho ezihlukene, lapho kuya ngokuthi ugomela siphi isifo ngaleso skhathi. Kubalulekile ukuthi uma ujova noma uphuzisa izinyane uqikelele inhlanzeko ukuze umuthi uzosebenza. Ikakhulukazi uma usebenzisa umuthi walelo gciwane bese uyaqikelela ukuthi usebenzise imgomo yomuthi njengoba kubhaliwe ephepheni elisuke lichaza ukusetshenziswa komuthi. Ubheke futhi uqikelele ungasebenzisi umuthi osuke usudlulelwe iskhathi ngoba ngeke isebenze. Qikelela ukuthi imithi uyigcina endaweni epholile.

Izikhathi zokugoma amazinyane

Uma uzogoma amazinyane ungaxhumana nodokotela wakho wezilwane ukuze ezokululeka ngemithi okumele uysebenzise ukugoma amazinyane akho. Umgomo wokuqala uwenza lingakapheli isonto lokuqala lizelwe uligomela amanzi enhliziyo xhumana nodokotela ekulayele umuthi. Okwesibili ukugoma uma seliqede amasonto amabili wagome futhi amazinyane akho ngomgomo olwa nezifo zamaphaphu (Pasteurella) ligome kabili enyangeni. Uma esenezinyanga ezintathu kuya kwezinhlanu phinda uwagome ugomela ngeyezinso zepulpy nePasteurella. Uma sezinezinyanga eziyisthupha zigome nokumelene neBluetongue, ngemithi emithathu emasontweni amathathu elandelana okuyi pulpy-kidney, iquarter black neanthrax.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *