Wonke umuntu ophilayo uphila ngenyama ehlangana nomphefumulo lokho okwenza ukuthi uma umuntu eseshonile inyama nokukholakala ukuthi yenzewa ngobumba okuwuhlobo thizeni lomhlabathi kuthiwe ubuyela emhlabathini. Bese kusala okubaluleke kakhulu kunakho konke okuwumphefumulo, ngoba yiwo odala izipoki kanye nayo yonke inhlobo yemimoya ekhona emhlabeni ebonakalayo nengabonakali.
Sikleza kogwansile namhlanje umbele sicaphune encwadini kamnumzane E.M Myeni lapho efundisa ngokubaluleka bokwala nokususa umoya wesisthandwa sakho uma sesishonile inqobo nje beningakashadi. Kulesigatshana uMyeni usichazela ukuthi kumele wenze njani ukususa umoya kanye nethunzi lomuntu ongasekho. Nalapho akubalule khona ukuthi uma umoya womuntu ongasekho ungasukile kuwe kuyenzeka uthole isthandwa esisha kodwa singahlali nivele nihlukane noma umuntu enyamalale engaphinde ebuye kuwe. Okunye nixabane noma nje eqhele kuwe engashongo lutho kanti uxoshwa yilomuntu owawuthandana naye washona ningahlukene futhi wena wangamala, abanyebaze beye ngisho emncwabeni yabo beyokhala khona. Uyabuya ehlale kuwe exoshe konke okusondela eduze kwakho ngegama lothando.
“Ngesimo somnotho nesenhlalompilo ebucayi amacala amaningi asathethwa ngejuba (inkukhu), nakulesiso sokwala umuntu uthatha ijuba elimhlophe lesikhukhukazi nenkece ewuR20 ohlangene uye emfuleni ufike emanzini ukhulume uthi ngiyakhuleka kubanikazi bamanzi namhlanje namhlanje ngizobika ukuthi ubuhlobo bami phakathi kwasbanibani wakwasbanibani sebuphelile ngicela nimususe eduze kwami nansi inkukhu engizocela ngayo. Bese uphosa imali ukhe amanzi awuhhafu ebhakedeni 5L, ubulale inkukhu ufake inyongo nokuseskhikhileni bese ugeza izandla nobuso nezinyawo nese uchitha amanzi asele ulahle inkukhu kude nomfula uhambe ungabe usabhekaemuva’.