UKHOZA UBUYELE EKUBENI USIHLALO WEPSL IHLANDLA LESTHUPHA.

USihlalo weOrlando Pirates FC uDokotela Irvin Khoza uphinde wabuyela esikhundleni sakhe sokuba nguSihlalo kwiPSL lapho abephakamiswe khona engabangiswa muntu kuleso sikhundla. UDokotela uKhoza konke lokuthi engabangisani namuntu kuza emva kokuthi esebenzele ibhola lakuleli ngokukhulu ukuzikhandla nokuzinikela kuyo yonke leminyaka nokuthi akwazi ukulitholela abaxhasi abanohlonze, lokho okwenza iLig yakuleli ibe ngehamba phambili ezwenikazi lase Africa kwezikanobhutshuzwayo.

Okumangaze abantu abaningi uR2 million obe isipho kuDokotela Kaizer Motaung.

Ngaphambi kokuthi kuqale umcimbi wokukhetha amalunga amasha esigungu esingamele ibhola lakuleli okuyiPSL. USihlalo wePSL enkulumeni yakhe ube nesimemezelo esishiye abaningi benomunyu wenjabulo. UDokotela uKhoza umemezele isipho sokubungaza ukuzalwa kukamakade ebona ebholeni lakuleli uDokotela Kaizer Motaung onguSihlalo weKaizer Chiefs Fc noma usuku seludlulile, kodwa ubehlanganisa iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili (80) wazalalwa. Uvele wamgixabeza ngezigidi R2 million wokuthi akahambe nje eyozitotosa ngoba esehlanganise leminyaka wazalwa.

Abakhethiwe kwikomidi lePSL.

Kwabathole inhlanhla yokukhethwa kulelikomidi ohamba phambili nongusihlalo wekomidi uDokotela uIrvin Khoza ubuyelile njengosihlalo wePSL, kwase kuthi ithimba lonke lesgungu esikhethiwe kwaba: 1.Dr Kaizer Motaung 2.Ms Manto Madlala 3. Mr Tim Sukazi 4. Dr Rejoice Simelane 5. Mr Sfiso Biyela 6. Mr Stanley Matthews 7. Mr Jonny Mogaladi Kwabangabuyalenga ekomidini babe bathathu lapho kungene abasha ababili. Kuphume uJohn Comitis, noRob Benadie kanye noDavid Thidiela. Kwangena uSukazi, Biyela kanye noMogaladi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *