Umangameli weqembu EFF ubonakala ezungeza itheku lonke ehamba ekhankasa ephinde enxusa abantu ukuth abaphelele ngothi lwabo enkundleni yezemidlalo esedrobheni lase Thekwini okuyiMoses Mabhida ngeSabatha, nalapho akagqugquzele khona abant ukuthi mele bevotele uhulumeni ozobathanda ebanakekele ngazo zonke izinqalazizinda zempilo okuyindlu yangasese egijima amanzi okususa indle kanye nemigwaqo elungisiwe. Nalapho akakubeke kwacaca ukuthi lokho kuyofika neqembu lakhe le EFF.
Nalapho akabalile khona ukuth iqembu lakhe lizoqeda lendlala yokweswela umsebenzi, kanye nokulwisana nobugebengu obugcwele emalokishini abantu abamnyama. Ezikoleni uthe kuzofundwa mahhala bephinde benikezele ngokudla emabangeni aphansi ukuze izingane zizocabanga ngemfundo kuphela hhay indaba yekati elishiye lilele eziko ekhaya kubo. NasemaNyuvesi kumele zingene mahhala ezikoleni nalapho othe uxasho lwezingane emfundweni ephakame kumele lubaluleke. Nalaoho akaveze ukuth umazisi womuntu mele uphathe yonke imniningwane yomuntu njengokuthi mele isho ukuth umzali wakho uphila ngesibonelelo noma sebashona abazali kube lula ukuth bekunike uxhaso, hhay lento yokuth ehamba bethi bafuna imininigwane eminingi.
Ugxeke kakhulu uMongameli wezwe nalapho akambize ngombulali ongenandaba nabantu ngoba ebabulala ngokucisha ugesi nalapho akabalule khona ukuth nabawhebayo bayalimala ezitolo zabo ngoba bayaphoqeleke ukuth bavale izitolo zabo uma kucima ugesi wabo lapho begcina belahlekelwe inzuzo yabo, waphinde wabalula ukuth balwe nowayengumomgameli wezwe kodwa ayikho imali abake bayithole engekho emthethweni kodwa kuRamaphosa amadola atholakala kosofa esqiwini sake nalokho akakubalile njengobugebengu obukhulu. UMalema uthe u350 wegrant bayawamukela kodwa bazowukhulisa ube ikulungwane bese kuthi umuntu onomatikuletsheni ethole inani elithexaxa, noneziqu zemfundo uyothola isibonelelo esingaphezulu ukuze abantu abasafunda bazi ukuth uma usuneziqu awfani nomunt ongenaziqu.