UHULUMENI WAKWAZULU-NATALI UZOKWAKHELA ISILO SABABANDLA ISIGODLO ESISHA.

Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal umemezele ukuthi uzokwakha iSgodlo esisha seSilo uMisuzulu kaZwelithini. Lokhu kwamenyezelwa uNdunankulu wesifundazwe uNomusa Dube-Ncube ngeskhathi kuvula iphalamende lesifundazwe ngoLwesithathu eMgungundlovu. “Ngokubonisana nongangezwe lakhe,sifinyelele esinqumeni sokwakhela iSilo isgodlo esisha kwaNongoma”,kusho uNdunankulu wesifundazwe.

Lesigodlo sizokwengezela kulezi eziyisithupha ezikhona,okungamakhaya ondlunkulu besilo esikhotheme uMdlokombane. Uthe undunakulu banelongelo lokuseka ubukhosi obukhona wathi ” Njengenxenye yokuzinikela ebukhosini kuleminyaka eyedlule sibiyele zonke zosthupha izigodlo,sathengela ondlunkulu izimoto kanye nondlunkulu besilo uMdlokombane,siphoned six have ngezimali ukulekelela ezifundweni zamazinyane eSilo siqhubeke nokuxhasa yonke imikhosi yaseNdlunkulu”

Uthe lokhu kuyigxenye kahulumeni yokutshengisa ukusekela nokuhlonipha ubukhosi kanye nendlunkulu yonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *