Abafana ababili bahambe bayokhipha ukushisa ngokuyobhukuda emfuleni iKhamanzi,okuwumfula abawakhele endaweni yangakubo eDalton. Okuthe besasemanzini omunye wabo wahluleka ukubhukuda nokuholele ekutheni agwilize. Lo omunye ube esoyobika ekhaya nalapho ababize khona amaphoyisa akhona eDaltoni.
Okuthe namhlanje ekuseni kwahlangana izinhlambi zamaphoyisa ahlukahlukene amanye besuka eMgungundlovu ophiko lwezokutakula namanye aziwa ngeK9, baya khona kulomfula ukuyosiza amaphoyisa aseDalton. Lamaphoyisa asekuseni afike nezinsiza kubhukuda ezisezingeni eliphezulu ngoba zikwazi ukutshuza ibanga elide elingalinganiselwa kumamitha angamakhulu amahlanu 500 ukuya phansi emathunzini omhlaba empophomeni.
uRaven wophiko lweK9 ungene wathungatha sonke isiziba sempophoma kanye nasosebeni lwaso. Lokho kuthungatha kwakhe kuze nenkulu impumelelo ngoba ugcine esitholile isidumbu somlisa osemncane ngoba ubeneminyaka eyishumi neskhombisa 17 ubudala. Bawukhiphile umzimba bawufaka ohlakeni base bemthwala bamsondeza eduze nomgwano ukuze ezofakwa emotweni. Icala livuliwe esteshini samaphoyisa eDalton.