Usegwetshiwe umlisa wasekuRhuleni esifundanzwemi saseGauteng kulandela uchungechunge lwamacala abethwese wona kubalwa elokunukubeza ngokoncanci okuhlanganisa nezingane ezincane ngoba kwabazisulu kukhona nowahlukunyezwa eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala, ukuthumba ephinde futhi etshontshe . Lomlisa onguNkosinathi Phakathi oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili ududala (38) uthweswe uxhaxha lodilika jele.
Lomlisa lesigameko sakhe wayeyenga izingane ngezinto ezithile abanye yayebangenela endlin ebadlwengulele khona noma ebathumbe ehambe nabo, umuntu omdala kulaba abayizisulu zokudlwengula ilendoda kubikwa ukuthi uneminyaka engamashumi amane nane(44) obudala. Kanti omunye owehlelwa ilesigameko uthi wayeneminyaka eyishumi nantathu ngalesoskhathi ngoba lomlisa wamdoba ngokuthi akeze ezothathela umawakhi ifomu lezindlu zomxhaso kwazise bona babehlala emjondolo. Abathe mebefika endaweni yalomlisa wamjikela wamdlwengula nalapho akamdlwengula khona amahladlwa.
UPhakathi sekufanele eboshwe amaphoyisa esemtholile wazama ukubaleka nokwaholela ekutheni amaphoyisa emdubule umlenze, ingakhoke manje esehamba ngezinduku nomlenze owodwa akazalwanga enje kodwa wayezama ukubalekela ukujezela izono zakhe. Lapho beseneminyaka emningi ephunyuka ngoba waqala ngonyaka ka2012 waze wabanjwa ngo2021. Kulamacala akagwetshelwe yoba kubalwa ayikhulu (100) okunukubeza ngokocansi lapho iningi lezisulu kwakuyizingane ezincane zesikole. Inkantolo yaseKurhuleni yamthola enamacala amaningi nalapho ebithula khona isigwebo sayo namhlanje, okubalulekayo esgwebeni ukuthi imugixabeze inqwaba yodilika jele.