Inkantolo yesfunda eMoretele igwebe owadlengula unina okungu Andries Mohwase onamashumi amathathu nanye 31 ubudala, Inkantolo imthwese amashumi amabili 20 eminyaka ebhadla ejele,kwelokudlwengula unina oneminyaka engamashumi ayisithupha 60. Nalapho Inkantolo ibuye yathi akakulungele ukuhlalaemphakathini. Lokhu kugwetshwa kwalomgulukudu kulandela isigameko esenzeka ekhaya labo elise Stinkwater eduze neMoretele mhla izinsuku ziyi17 kuNtulikazi 2021,lapho akafica umawakhe epheka ekhishini,wabe esemdonsela ekamereni wamdlwengulela lapho. Emva kwaleso sehlakalo umama wakwazi kukuphunyuka wabe esetshela indodakazi yakhe encane.
Loludaba lwabe seludluliselwa emaphoyiseni nalapho akagcina eseboshwa ngomhlaka 18 kuNtulikazi 2021,Inkantolo yabe isimunqabela ibheyili. Walivuma icala lakhe kwabomthetho. Sekukhishwa isigwebo, umshushisi kahulumeni, uPatrucia Matlala uthe lenhlekelele eyenzekile ilethe ukuthuka okukhulu kumgilwa ngoba esezikhulele futhi,nomndeni usashaqekile ngokunjalo nomphakathi waleyandawo usamangele ngesenzo sobulwane esenziwe umsolwa.
Ongumqondisi kubashushisi bakahulumeni esifundazweni iNorth West,Dr Rechel Makhari,ushayele elikhulu ihlombe umshushisi kulelicala,kanye nephoyisa uMathews Motiang,neziphathimandla zonke zenkantolo ngokuphatha lelicala ngobuchule obugcine bube yimpumelelo ekugwetshweni komgulukudu.