Ugcinwe Estokisini Ummangalelwa Ngokutholakala Nezimpahla Zomgunyathi Eziyizigidi Ezingu-R3.5.

UWilly Mxolise Mhlongo (34) ugcinwe esitokisini yiNkantolo yeMantshi yaseKomatipoort ngokukhwabanisa nokuphikisana nezinhlinzeko zeSigaba 83(a) & (b) soMthetho Wentela Nentela, uMthetho 91 ka-1964, Uphikisana nezinhlinzeko zeSigaba 2(1)(f) ifundwe neSigaba 1,2(2),10,16,19, & kanye nesama-20 soMthetho Wezimpahla Zomgunyathi, Umthetho 37 ka-1997.

NgoMsombuluko, ziyisi-9 kuZibandlela wezi-2024, ngezithuba zabo-02:00, kwatholwa ulwazi futhi lwasebenza mayelana nomsolwa owayethutha izimpahla zomgunyathi esuka eNaas, eNkomazi eya esifundazweni saseGauteng.

Ithimba elihlanganisa i-Nelspruit based Serious Commercial Crime Investigation kanye namalungu e-Komatipoort SAPS, lilokhu liqaphile.

Umshayeli weToyota Quantum umiswe waseshwa emgwaqeni u-N4 eduze kwaseJeppe’s Reef, eKomatipoort.

Ngesikhathi kuseshwa, izimpahla zomgunyathi (amateku) zenani lika-R3.5 million
batholakele. Lokhu kufaka phakathi: amapheya angu-407 x amateku e-Nike, amapheya angu-559 x amateku e-All-Star, amapheya angu-80 x amateku e-Reebok, amapheya angu-244 x amateku e-New Balance, amapheya angu-92 x amateku e-Converse, namapheya angu-354 x amateku ase-Jordan.

Umshayeli waboshwa, wabekwa icala wabe esevela eNkantolo yeMantshi yaseKomatipoort ngalo lolo suku agqunywe ngalo esitokisini.   

Izimpahla zomgunyathi, kanye nemoto zathathwa.  Icala lihlehliselwe umhla ziyi-17 kuZibandlela wezi-2024 ukuze kufakwe isicelo sebheyili kanye nokumelwa ngokomthetho

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *