Ukaputeni wamaphoyisa oneminyaka engu-59 ubudala, oqashwe njengomqeqeshi wezibhamu eTshwane Police Academy eseNtshonalanga yePitoli, wavela eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngenyanga kaMay kuwo lonyaka. Lokaputeni wamaphoyisa oseneminyaka engu-31 esebenza njengeSouth African Police Service (SAPS) ubhekene necala lokudlwengula ngezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala owayeqeqeshelwa umsebenzi wamaphoyisa.
Kusolwa ukuthi ngo-April 2025, ummangali wadlula kummangalelwa, ngaphandle kokumshayela indesheni. Umsolwa kuthiwa wamkhuza emsola ngokungaziphathi kahle. Ummangali wachaza ukuthi ubengamboni.
Ngomhla ziyisi-6 kuNhlaba wezi-2025, ummangali wayehamba nethimba lakhe beya ezindlini zabo zokuhlala, ngesikhathi ummangalelwa kuthiwa embizela ehhovisi lakhe. Ngesikhathi bengena kusolakala ukuthi ummangalelwa uvale isicabha ngemuva kwakhe wasabisa ngokuthi uzomxosha ngezinsolo zokungaziphathi kahle ngokungamshayeli indesheni uma engalali naye. Kuthiwa wamyalela ukuthi akhumule uhhafu ngesikhathi naye ekhumula wabe esemdlwengula. Ngemva kwalokho, wabe esemtshela ukuthi agqoke ahambe.
Ummangali wabikela iziphathimandla zesikole ngalesi sigameko, ezithinte amaphoyisa. Ummangali wabe esethathwa ukuze ayothola usizo lwezempilo wabe esedluliselwa eLaudium Thuthuzela Care Centre ukuze ayohlolwa futhi asekelwe. Umsolwa waboshwa ngemuva kosuku lwesigameko sangomhla zingama-07 kuNhlaba wezi-2025. Amaphoyisa abe esedlulisela lolu daba kwi-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ukuze kuphenywe.
Enkantolo, icala lahlehliselwe umhla zingama-23 kuNhlaba wezi-2025 ukuze kufakwe isicelo sebheyili esiphikiswayo. Namhlanje ukaputeni wamaPhoyisa oneminyaka engu-59 ubudala wasePretoria Police Training Academy, osolwa ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala owayeqeqeshwa kanye nokunukubeza ngokocansi omunye ugcine enikeziwe ibheyili ka-R8000. yiNkantolo yeMantshi yasePitoli.
Umsolwa kusolakala ukuthi wadlwengula owayeqeqeshwa ngomhlaka-6 Meyi 2025 futhi wanukubeza ngokocansi omunye owayeqeqeshwa ngoMashi nonyaka.
Zonke lezi zigameko zenzeke ehhovisi lakhe ePretoria Police Training College. Lesigabeko sisodwa nje, sinyuse isibalo samacala okudlwengula kwabakwasidlodlo.
Uma sibheka isimo samacala okudlwengulwa ngamaphoyisa angonyaka odlule wezimali, iGauteng ihamba phambili njengoba kubikwe amacala angaphansi kuka-30. Yize ezinye izifundazwe zehle kulawa macala, amacala eGauteng ‘anyuke cishe ngama-35%. Amacala okudlwengula abikiwe ngamaphoyisa ngesikhathi esemsebenzini nawo aphezulu uma kuqhathaniswa nokudlwengula lapho amaphoyisa engekho emsebenzini