UGCINE EKHALELWE AMASONGO KASGONYELA UMLISA AWABULALA ABAKWA SASKO.

Umlisa owabonakala kwividiyo edubula abantu ngokubabamba inkunzi, esthombe sakhe sigijime kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokuthi atholakale. Amaphoyisa abe eselunwe indlebe amalunga omphakathi abemfanisa lomlisa obefukeka ngenxa yes enzonzweni sakhe sobugebengu obunonya olunyantisa igazi.

Ugcine ebanjiwe waboshwa lomlisa owabonakala edubula ebulala abasebenzi bakwaSasko endaweni yaseDelft engaphandle kweCape Town esesifundazweni sase Ntshonalanga Koloni. Kube sekuvela ukuthi lomlisa ungu Martin Mungayi,ongowokudabuka ezweni laseZimbabwe. Nalapho akaboshwe khona ebhasini eliya eZimbabwe elisuka edolobheni iKapa.

Ilungu lomphakathi elimbonile engena ebhasini linike abakwasidlodlo imininingwane yebhasi eligitshelwe umlisa nokwenze umsebenzi wamaphoyisa waba lula ngoba bavele balandela ibhasi bamthola kulo babe sebembopha kanjalo. Amaphoyisa asathungatha omunye owayehamba naye uMartin mhla beyogila lemikhuba.

Lendoda iyathinteka emacaleni amaningi okuphanga izimoto zemali kanye namanye. Esigamekweni esenzeka 12/05/2022 eMfuleni lapho kwabanjwa inkunzi nakhona, kanye namanye amacala awuchungechunge akawenze ezweni laseNingizimu Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *