Ngaphambi kokukhuluma sigxile ngokuthenga umzimba womunye umuntu ngenhloyonyokwanelisa inkanuko yakho. Akesibheke ubungozi bokulala noma ukwenza ucansi nabantu abaningi abahlukene. Uma ungumuntu omposholo iningi labo likholelwa emadlozini nakuMvelinqangi. Ngokujwayelekile izifundeso zaleyo nkolo zithi umzimba womuntu uyithempeli likaNkulunkulu,uma wena sewulincilisa lelithempeli uzoza kanjani uNkulunkulu kuwe, kanjalo nezidalwa zakho ezikungamile nezikugadile okungabakini abangasekho. Bayokupha kanjani nokucelayo uma uhlale uncolile phambi kwabo, ngoba njalo uma beza kuwe umzimba wakho usuke uncolile. Akudindi ubulili ukuzigcina uhlanzekile ukuze uma uNkulululu nabakini bekuvakashele bekufice uhlanzekile.
Uma usuthenga umzimba kwabadayisa inyama lomlenze.
Uma ungusomabhizinisi uhlale ubheke inzuzo kunoma ngabe yimuphi umsebenzi osuke uwenza ngalesoskhathi ngokungakhathaleki ukuthi leyonzuzo uyenza kanjani. Uma uthenga umzimba suke ungahlukile nomdayisi wayo ngokuncola. Ngoba uma kufika noma onjani umuntu ezothenga akabuzwa lutho kuthathwa imali enikwe akakudingayo, kanti akubhekwa ukuthi ngoba eza nalemali unjani futhi uyithathaphi, ebe eyithole kanjani.
Izinto ezingakufakela ukuncola uma uthenga iyengandoda.
Kuyafika umuntu ephuma ejele engakayi ngishoo kubo eyogezwa lesosinyama sokuboshwa ejele. Athi ephuma nje usexakwe inkanuko kakhulu ahambe eyothenga umzimba weyengandoda, ethathe lonke lelibhadi nesinyama nokuncola kwasejele akushiye kulomuntu akamdayiselile. Ufike nawe emva kwalokho uthenge laphoke konke lokhuncola namabhadi asewela kuwe, uyothuka nawe usuboshwa ugwetshwe iminyaka ngecala elincane noma ongalenzanga kanti wathatha isinyama sejele ingakho usuboshwa.
Okunye kungene inkabi esibulale abantu abaningi ehamba nethunzi elimnyama lemiphefumulo yabantu ekhala kuye, ifike nayo ilale naye lomahosha ishiye sonke lesnyama bese ufika wena uthenge nawe ngemali yakho kanti suthatha sonke lesnyama salombulali akafike wasishiya emzimbeni yaleli yengandoda.
Umehluko phakathi kwesoka neyengandoda
Awukho umehluko omkhulu phakathi kumqwayizi kanye nensizwa eyisoka noma nowesifazane oyisifebe. Amasika akuqala ayezithanga ngoba noma ayeqonwa kaningi, kwakuphanyaza amaduku kodwa izinto ayezenza ngendlela ewubunono nengenalo ichilo. Manje uma unezintombi eziyishumi uyisoka kakhulu kanti uphethe imigoqo evale impumelelo empilweni yakho. Ngoba beyishumi ngeke ulale nabo kanye kanye, okungenzeka futhi ukuthi abanye babo banabantu babo emaceleni. Wena uzolala kanti ushonelwe yisoka uzikhipha isnyama ngawe. Omunye mhlampe bechithekelwe isisu noma bekhiphe isisu wena wena ulala naye ngoba uyisoka emva kweskhathi ubone izinto zakho zingayi phambili usole abathakathi kanti umthakathi onkhulu uwe, ulwa nempumelelo yakho ngokuzincolisa ngokuhamba ulala nabantu abaningi ongabazi, ongazazi nezinkingazabo.
Okumele ukwenze ukuze uhlale uhlanzekile
Kubalulekile ukuthi umuntu noma yimuphi ewuhloniphe umzimba wakhe ngoba ngisho kwenzekile walala nomuntu wakho yena lo oyedwa omthembayo. Geza ukususaithunzi nesdalwa sakheesingagcina sikuvalela izinto zakho ekuhambeni kwesikhathi, Thola usizo kwabadala uhlale unezinto zokugeza ukuze ugcine umzimba wakho umsulwa nabantu bakini bekwazi ukufika kuwe ngephupho uma kukhona abafisa ubasize ngakho noma ubashwelezele kukho.