Umlisa oneminyaka engamashumi amane nambili (42) ubudala wasendaweni iMhlasini eVerulam esifundazweni saKwaZulu-Natal, ubhale kufacebook ukuthi umhlaba usumehlule kunjalo yena useyaziphumuza. Lesigameko senzeke namhlanje ekuseni ngoMsombuluko,27 May 2024. UNkosikazi wakhe ubone obekubhaliwe ekhasini kufacebook walomlisa ozibulele.
Unkosikazi walomufi uthi uvuke ekuseni endaweni yakhe akahlala kuyo waya emsebenzini ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni. Uthe mengena kufacebook wakhe,wazithela kwiposti ebhalwe umyeni wakhe nalapho ebesho khona ukuthi uyazibulala manje. Lo wesifazane ube esethinta umakhelwane ukuthi eyombhekela ukuthi ngabe umyeni wakhe ukhahle yini endlini nalapho abamfice khona elenga.
Umphakathi walendawo ube usuthinta abezokuphepha nalapho kufike khona abakwaReaction Unit ngezikhathi zango 8:00 ekusen. Nalapho batshengiswe umjondolo akazilengise kuwo lomlisa, ikhona lapho okutholakale khona umzimba wakhe ulenga.
Umakhelwane ofonelwe unkosikazi kamufi uthi uhambile wayobheka endlini ufike umnyango uvaliwe ungakhiyiwe . Othe mengena ngaphakathi, wathola lendoda ilenga ezingodweni zendlu lapho ebizikhunge khona ngentambo. Ube esephuma ememeza umphakathi okutibona abaphuthumile basika intambo bamehlisa phezulu kwasho ukuthi besebesindwe izinyayo ngoba umlisa beseshonile. Ibhangela yokuzibulala ayikaziwake kodwa abomthetho bavule icala ukuze beqhubeke nophenyo.