“THEMBA UMDALI KONKE KUZULUNGA EMPILWENI” INKOSI UMSWATI ESHUMAYELA KUMANAZARETHA.

Inkosi yamaSwazi ikhuthaza abazalwane bebandla lamaNazaretha kanye namaKrestu ukuthi abathembe uMdali wezulu nomhlaba ngoba uma benza njalo bayozuza lukhulu ezimpilweni zabo. Inkosi uMswati beshumayela esigodlweni iLudzidzini Royal Palace ngeSabatha ntambama ngeskhathi somthandazo weSizwe ohlelwe Inkosi yamaNazaretha uNyazi lweZulu kanye neSilo samaSwazi obubanjelwe egodlweni.

“Themba uMvelinqangi uyakuzuza yonke into empilweni yakho. Incwadi egcwele eyaziwa ngebhayibheli isilandisa ngendaba kaAbraham noSarah, ukuthi babusiswa ngendodana sebeseminyakeni engamashumi ayisishiyagalombili (80) kanti lokho kuchaza ukuthi kuNkulunkulu, yonke into iyenzeka” kushuma yela inkosi uMswati.

Ngasohlangothini lomholi webandla lamaNazaretha,uNyazi lweZulu ugqugquzele intsha ukuthi ayihloniphe abantu abadala kuleliyazwe lakwaNgwane nasezweni laseNingizimu Afrika. Bahloniphe nabaholi babo ngezigaba ezahlukene. UShembe uphinde waxwayisa intsha ukuba idlalele kude ezidakamizweni nakuphuzo oludakayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *