Mamhlanje 21 kuNhlolanja 2024 kugasele iSIU kanye noKlebe (Hawks) efemini yezezimali eKimberley, eNyakatho Koloni afike abheka ubufakazi obungabasiza kuloluphenyo olwenzekayo lukukhwabanisa eNational Lotteries Commission (NLC). SIU ithole imvume yokuphenya nokuthatha enkantolo kaMantshi waseNingizimu Afrika, esesifundeni kaseKimberley.
Lokhu kugasela kulandela ukuthi kube khona umuntu thizeni olume indlebe abaphathi bomthetho ngalefemu ukuthi iyabandakanyeka ekusizeni abantu ngamaphepha ezimali angekho emthethweni. Ngoba kuthiwa lefemu yezezimali isize izinhlangano eziningi ezingenzi inzuzo ngokubagayela amaphepha kanye nezitatimende zezimali eziwumgunyathi. Njengoba ibhodi lwakwaLotto uma lizokuxhasa lifuna uze nesitatimende sezimali esihlolisiswe ifemu yezezimali, yilapho ebingena khona lefemu,yenza zonke lezinto eziwumgunyathi.
Olume indlebe abomthetho uthe inqwaba yezinhlangano ezingenzi inzuzo (NPO kanye NPCs) amaphepha azo amaningi okucela uxhaso kwaLotto ayengumgunyathi, kuhlanganisa nazo izitatimende zezezimali. Wonkeke lamaphepha ayenziwa aphinde asayinwe abaqondisi noma abasuke bemele lawomaFemu ezezimali ngaphandle kwezitatimende ezivela emaBhange.
Uphiko lwezomthetho ngeskhathi lugasela kule femu lafika lashaqa amakhompuyutha kanye namaphepha asondelene naloludaba ukuze kuzokwenza uphenyo lweSIU lube lula,ukuze kuzotholakala umyombo ngalo R1.4 billion okuphenywa ngawo.