SEZIQINISEKISIWE IZINDABA ZOKUDLULA EMHLABENI KUKA LUCAS MORIPE

Umakade ebona owayegijima eqenjini lasePitoli iPretoria Callies fc uLucas “Masterpieces” Moribe (71) owazalelwa eSoweto, nowayengumdlali wasesiswini. Kubikwa ukuthi udlule izolo emhlabeni zi19 November 2024 endaweni yase Atteridgeville, ePitoli.

Lucas Moribe waqala ukudlala ibhola ngemnyaka yo 1971 lapho yayedlalela iPretoria Callies esigabeni seNPSL. Nalapho akavelela kakhulu khona waze waklonyeliswa ngokuba umdlali wonyaka kwathi ngonyaka ka1973 waba uSportsman wonyaka nakhona, wabe esewelela phesheya wadlala kwiCaroline Hills Fc yaseHong Kong.

Kuthe ngo1981 wajoyina iqembu leOrlando Pirates Fc njengomdlali wasesiswini. Lomdlali kugcine sekuqanjwa inkundla yezemidlalo ngaye ukumhlonipha ngeqhaz lakhe akalibamba kwezikanobhutshuzwayo kulelizwe laseNingizimu Afrika. Uphinde wabamba iqhaza kakhulu eqenjini leMamelodi Sundowns fc.

Ukuphawula kweqembu leMamelodi Sundowns Fc ngokudlula kukaMasterpieces.

Lenkulumo siyicaphune ekhasini keqembu leSundowns sayihumusha ngolukamagebe njengoba injalo. “USihlalo kanye noMndeni wakwaMotsepe, Ibhodi Labaqondisi, Ithimba Lezobuchwepheshe, Abadlali, Abaphathi, Abasebenzi, Abasekeli beMamelodi Sundowns FC kanye neYellow Nation yonke badlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangane njengoba sikhala ngokulahlekelwa umakadebone kwezebhola uLucas ” Ama-Masterpieces” Moripe.

Uqanjwe ngokufanelekile ngokuthi uModimo Wa Bolo (UNkulunkulu Webhola), uMnu Moripe ubeyisimangaliso futhi uthathwa njengomunye wabadlali bebhola abakhulu kakhulu.

Imisebenzi yobuciko ibihlala ebholeni futhi ibiyinto engashintshi emidlalweni yeMamelodi Sundowns e-Atteridgeville enkundleni eqanjwe ngaye naseLoftus Stadium.

Sithandazela ukuba uNkulunkulu uSomandla aduduze futhi aqinise umndeni wakhe, abangane, nawo wonke umuntu owayemazi.

Amagugu,impilo, kanye nenkumbulo ye-Masterpieces ethandwayo uMoripe izophila ngaphezu kwesikhathi sethu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *