SEKUTHOLAKALE IZIDUMBU ZABANTU ABABILI BESIFAZANE ZILAHLIWE EHLATHINI.

Kutholwe imizimba emibili yabantu besifazane idindilizile ehlathini,okusolwa ukuthi babulawe maqede balahlwa khona kulendawo esonqenqemeni lomfulu umngeni. Kulendawo kunemfucuza kadoti lapho okufika abantu basezindaweni ezihlukene bezolahla udoti kulendawo, nakhoke namhlanje sekulahlwe imizimba yabantu engaziwa ukuthi isuka kuphi nezwe ngoba isitholakala ilahlwe kulendawo. Lendawo eseduze komfula umngeni ezansi kwakaDabeka bese iba nomgwaqo ogudla ngenhla komfula ize iwelele eLindelnani.

Kuyanxuswa ukuthi abanezihlobo abangaziboni emakhaya bephuthume ukuyobheka emakhazeni aseduze neClermont noma beyobuza emaphoyiseni akwaDabeka mayelana nemzimba etholakele endaweni abayigadile. Kulaba abatholakele kule ndawo beshonile kubikwa ukuthi bebeboshiwe ezandleni,kanti omunye wabo une(tattoo) esandleni nomake singeke sikuqinisekise ukuthi ngabe isandla esokudla noma esesnxele kodwa isesandleni.

Lasgameqo sishaqisa kakhulu kubantu abahlala eduze kwendawo ngoba abanye babo bajwayele ukuya khona kuleyandawo yemfucuza ukubheka izinto ezisuke zilahlwe abantu bengasazidingi,manje basovalweni ukuthi mhlampe nabo bengahlangana nezimbila zithutha uma beya kulendawo ngoba icashile futhi isinika ithuba abenzi bobubi ukuthi belahle nabantu kulendawo okuyinto eshaqisayo kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *