Ezihambaphambili| Umsolwa udutshulwe wabulawa ngemuva kokujahwa amaphoyisa nethimba lonogada.
Ababili abehamba nabo balimele, kanti omunye uboshiwe.
Ngokwemibiko yokuqala etholakele, abasolwa abane kwiGalofu emnyama bebesanda kubamba inkunzi behlomile endaweni yaseSydenham.
Ngenhlanhla, ufakazi ukwazile ukuthola imininungwane yabo kanye nemoto futhi wabikela abomthetho.
Igalofu yabe isibonwa eduze kwaseQueen Nandi Drive yithimba le-Special Operations Team likaMarshall Security.
Bekanye nophiko lweGreenwood Park SAPS Trio Crimes, bajahe abasolwa ngenhloso yokubabopha kodwa ngesikhathi abasolwa bebaleka bavele bevulela ngenhlamvu bezama ukubaleka onogada kanye namaphoyisa.
Ngeskhathi sokudubula phakathi kwabasolwa nabomthetho, izinhlamvu zikhale enyameni kubasolwa nokugcine kwenza ukuthi imoto ebebehamba ngayo igcine imile.
Indawo ezungeziwe indawo yesigameko sokudutshulwa kwezigebengu, eduze no-Kew Road, isavaliwe.