Umkhulu oneminyaka engamashumi ayisithupha nanye(61) ubudala uboshiwe, ngochungechunge lwamacala okuqola amakhadi abantu asemabhange kuma ATM. Ubanjwe namhlanje ekuseni ngezikhathi zasekuseni endaweni yaseVerulam esanyakatho neTheku esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Ngezikhathi zasekuseni owesifazane bezama ukukhipha imali kwelinye lamagaraji khona eVerulam nalapho umshini uvele wamenzela into akangayazi nokuthe lomkhulu obesebenzisa umshini ngaphambi kokuthi lentombazane iwusebenzise, ube esecela ukuyisiza lentombazane. Nalapho akaphazamise lentombazane eneminyaka engamashumi amabili nanye (21) obudala, kanti useyalikhipha ikhadi lasebhange. Nalapho akabe esephikelela emotweni yakhe washaya amaphepha waphela endaweni yesgameko. Nalapho losisi okabuyise khona umqondo ukuthi umkhulu bengamsizi kodwa bemqola ayibange isapholisa amaseko yavala umshayeli obedlula wacela usizo, base belandela lemoto.
Babe sebeshayela beyilandela lemoto kamsolwa yohlobo lweToyota corolla emhlophe nalopho ebisicele usizo konogada bakwaRUSA. Onogada bavele bavala emgwaqeni inanda nalopho obesekubikwe ukuthi lemoto yomsolwa iza ngakhona. Lomsolwa ubonakale ehamba ngomgwaqo uR102 nalapho akamiswe khona kwatholakala lelikhadi kanye namanye amakhadi atshontshiwe.
Onogada babe sebephenya imoto yakhe nalapho kutholakale ikhadi lentombazane namanye kulemoto kamsolwa. Nalopho umgilwa ukwazile ukukhomba ikhadi lakhe wakuqinisekisa ukuthi ilona. Lomsolwa ukuqinisekile ngeskhathi ebuzwa ukuthi vele umsebenzi wakhe lokutshontsha amakhadi abantu asebhange. Kunamanye amakhadi atholakele kubuye kwatholakala nemali enguR940 nokukholakala ukuthi beyithole ngabo lobugebengu. Lomlisa ongowakwaMashu ube esekhalelwa amasongo kasgonyela wayoswa esiteshini samaphoyisa eVerulam.