SEKUBOSHWE ABABILI ABASEBENZA NEPHOYISA ELABULALA ABANTU LIFUNA IMALI YOMSHWAYILENSE.

Abanye abasolwa ababili abahlobene noSayitsheni Rachel Shokane Kutumela baboshelwe indima yabo ecaleni lokubulalela imimshwalense eyisithupha.

Laba baboshwe yi-SAPS Limpopo Tracking Team esigodini saseMabokelele namhlanje ntambama ngemuva kokuba umphenyi ethole incwadi egunyaza ukuboshwa kuka-J50.

Kulaba omunye ungumhlengikazi oneminyaka engu-47 ubudala ongudadewabo kaSergeant kanti omunye uyindodakazi kaSayitsheni eneminyaka engu-27 ubudala.

Laba bobabili kulindeleke ukuthi bavele kanye nomsolwa kusasa (ngoLwesihlanu, 18 October 2024) eNkantolo yeMantshi yasePolokwane ngamacala ahlukene ahlanganisa elokubulala, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali.

Loludaba luqale ngeskhathi kubanjwa iphoyiya okwilona ungqondonqondo.USayitsheni oneminyaka engu-43 ubudala osebenza esiteshini samaphoyisa eSenwabarwana eBochum, eLimpopo owaboshwe esemsebenzini, kulandela uphenyo olude lukaKaputeni Keshi Mabunda ngezinsolo zokuthi uhlomule ngomgunyathi ngamakhava omngcwabo, ngengozi kanye nezempilo emabhange ahlukene, kanye nezinkampani zomshwalense.

Ngokophenyo, waqala ukubulala kwakhe ngo-2019. Izisulu zakhe zazaziwa nguye futhi zazivela ezindaweni ezihlwempu nezincishwe amathuba kanti ezinye zazikhubazekile noma ziphazamisekile engqondweni.

Wayebathathela inqubomgomo yempilo kanye namakhava omngcwabo futhi nguyena ozohlomula.

Njengamanje umataniswa namacala okubulala ahlobene nomshwalense ayisithupha kanti ubufakazi bukhombisa ukuthi usefake ephaketheni okungenani u-R10 million.

Ngemva kwezinyanga zophenyo, ithimba labaphenyi lathola incwadi egunyaza ukuboshwa. Incwadi egunyaza ukuthi ikhishwe esiteshini samaphoyisa lapho akaboshwa khona.

UKhomishana Kazwelonke we-@SAPoliceService, uGeneral Fannie Masemola, uthi ukubandakanyeka kwabo emacaleni amabi kangaka kuyihlazo.

“Njengephoyisa uphathiswe ukuphepha nokuvikeleka kwemiphakathi. Ukuze iphoyisa eliphathiswe umthwalo omkhulu kangaka wokuhileleka ezenzweni ezinjalo kuyihlazo eliphelele. Wasebenzisa kabi amandla akhe ngokuqinisekisa labo ababemethemba. Lokhu kumele kuthumele isexwayiso esiqinile kubo bonke abathintekayo ukuthi ingalo ende yomthetho izokuthola futhi ikubambe “, kusho uGen Masemola.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *