PSL IMISE YONKE IMIDLALO OBEKUMELE IDLALE PHAKATHI NESONTO

Bekulindeleke ukuthi ibuyele namhlanje imidlalo yakuleli yesigaba esipgezulu PSL emva kokuthatha ikhefu ngenxa yomqhudelwano wamazwe eAfrica owaziwa nge AFCON. PSL ithe inquma ukuyimisa lemidlalo ngenxa yokuthi izingede zayo zibike ukuthi iBafana Bafana izofika kusasa ngoLwesithathu 14 Nhlolanja 2024 kulandela ukudlala kahle kwayo emqhudelwaneni ngoba ize yahlabana ngendondo yethusi,emva kokulala isithathu beguqisa izwe laseDR Congo. Iphinde yahlabana ngomklomelo weFlair Play okusho ukuthi badlale kahle.

Imidlalo eyishyagalombili ihlelile lapho okusazobuye kukhishwe usuku eyophinda idlale ngayo ngoba imisiwe bekulindeleke ukuthi lamaqembu adlale kanje iCape Town City vs Moroka Swallows, SuperSport United VS Skhukhune United, Kaizer Chiefs VS TS Galaxy, Orlando Pirates VS Chippa United, Stellenbosch VS AmaZulu, Golden Arrows VS Mamelodi Sundowns, Royal AM VS Cape Town Spurs bese sivala ngePolokwane City yona izobe izwana Amanda neembu laseNyakatho nesifundazwe sakwaZulu iRichards Bay United.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *