OWAYENGUNGQONGQOSHE WAMAPHOYISA UNATHI MTHETHWA UYISHIYILE ANC.

Ilungu lenhlangano ebusayo okuyiAfrican National Congress (ANC) eselimnkantshubomvu uNathi Nhleko usevele walishiya iqembu likhakhongolose, nokuvele ukuthi imbangela ukungaboni ngaso linye nabaholi balenhlangano abakhona njengamanje. Uthuthuva phakathi kukaNhleko nokhongolose luqale ngeskhathi uNhleko engaboni ngaso linye nonobhala wenhlangano uFikile Mbalula,lapho akathe unobhala uNhleko wayevikela uJacob Zuma ngeskhathi sezigameko zomuzi kaZuma eNkandla.

Ukusula kukaNhleko kuleliqembu kuthuse abantu abaningi kodwa abanye bathi isnqumo esihle eqenjini ngoba wayemataniswa nenkohlakalo okuthiwa yayenzeka eNkandla.Lokusula kulandela ukushayisana kwamalungu kakhongolose ewodwa ngoba kukhona abaphakamisa imibuzo ngobuholi obukhona nokuthiwa abenzi ngezinqubo zikakhongolose.

Incwadi kaNhleko yokusula ihanjiswe kunobhala wegantsha iAlibertine Sisulu uTolo Fakazi,uNhleko udlulise okukhulu ukukhathazeka ngesimo seANC kanye nezinkambiso osekwenziwa ngazo manje. Nathe ucela ukuhoxa enhlanganweni ngoba ubona ingasayenzi intando yabantu kanye nezinqubo mgomo zeqembu okuwukuzabalazela inkululeko kanye nobulungiswa emphakathini .

Ukubalula okumbalwa uNhleka ugxeke ukudayiswa kwamabhizinisi kahulumeni,ukuwa nokuntenga komnotho ezweni kanye nokubona kunganakekelwa kwabadingayo. Ubalule nesimo sokuba nzima ukuthi abantu abadala bethole usizo lwezimpesheni zabo kanye nezinye izinqalazinda.

Okhulumela inhlangano kaANC uMahlengi Bhengu-Motsiri ukuqinisekisile ukusula kukaNhleko eqenjini, nathe kuyilungelo lakhe ukuthi mezwa kuthi akashiye ashiye inhlangano. UBhengu-Motsiri uphinde wavikela ubalula ngokugxekwa uNhleko,wakhombisa ukubethemba ubuholi bukanobhala wakhe kanye nobuqotho bakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *