Uphathi wamaphoyisa kwaZulu-Natal uLieutennt General Nhlanhla Mkhwanazi uwashayele elikhulu ihlombe amaphoyisa asebenze ngokukhulu ukuzikhandla ekutholeni umgulukudu odubule wabulala iphoyisa ngempelasonto ngezikhathi zantambama. Lesgameko senzeka elokishini elisentshonalanga yeTheku ilibizwa ngeClermont . Naye lomsolwa obefuneka phansi naphezulu ngokubulala iphoyisa useye kwagoqanyawo kulandela ukudubulana namaphoyisa.
Loluphenyo obeluhlabahlosile luqale emva kokuthi kube khona ukudutshulwa kwephoyisa okube khona, amaphoyisa alunwe indlebe ukuthi omunye wababulali uhlala kweminye imijondolo khona eClermont. Awabange esapholisa maseko agasela khona, nathe uma eseyofika la esihlala khona lesigebengu,baphambana nezinhlamvu ezibafuna othulini. Lomsolwa oneminyaka elinganiselwa emashumini amathathu,ube esedubuleka kuleyompi yakhe namaphoyisa washona ngenxa yamanxeba abucayi ezinhlamvu ezimdlile. Kube sekutholakala izibhamu ezimbili zamaphoyisa ebebezithathile ngesikhathi beduna imoto yamaphoyisa. Abaseshi basaphenya ngoba umufi lo umataniswa nochungechunge lwamacala okubulala,ukuduna izimoto kanye nokubamba inkunzi endaweni.
Lesigameko sokushona kwephoyisa kuthiwa ngezikhathi zasekuseni ngeSonto mhla zi10 kuNdasa 2024 iphoyisa laseDurban Central kanye nomlingani walo wakwaDabeka bobabili bebengekho emsebenzini,nalapho bebevakashele kwenye nje indawo eseClermont ngeskhathi behlaselwa besemotweni abebehamba ngayo. Iphoyisa elishonile belineminyaka engamashumi amathathu nane (34) okuyilona ebelishayela lemoto ngaphambi kokudunwa izibhamu zabo benozakwabo oneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu (35) naye uthatheliwe isbhamu, kodwa yena akatholanga myocu usale emsulwa. Lezigebengu zibe sezicela empunzini nazo zombili izibhamu zamaphoyisa kanye namafoni nezikhwama zemali.