Seliqophe umlando iqembu leOrlando Pirates Fc ngokunqoba umqhudelwano weMTN Top 8 amahlandla amathuthu kulandelana, lokho akulenza libe iqembu lokuqala ukwenza lokho. Umdlalo uwonke bushisa kakhulu ngoba bezithengana mahlandla wonke. Isiwombe sokuqala siphele zimbambene ngegoli iqembu ngalinye nalapho okuqale khona iStellenboch Fc ngomzuzu weshumi nambili (12) nelivalelwe uL Mojela, okuthe ngomzuzu wamashumi amane nambili (42) yafaka elokulinganisa iPirates ngoM Saleng, kwase kuyiwa ekhefini.
Sekubuywa ekhefeni ngesiwombe sesibili umdlalo bumuhle ngoba nakhona bekuwuqhude manikiniki engekho ofuna ukugoba uphondo. Iqembu lezikaMagembula zilinyalelwe abadlali ababalulekile esiswini okuthe ngomzuzu wamashumi ayisithupha nesthupha (66) kwaphuma uMakhawula lapho akaphume khona ngohlaka ngenxa yokulimala kwangena uDlamini. Akugcinanga lapho ngoba ngomzuzu mamashumi ayiskhombisa nane(74) kwaphuma uThalente Mbatha naye uphume ngohlaka ngenxa yokulimala endaweni yakhe kwangena uR Selaela.
Okuthe sekusele imizozo yokugcina kuphele umdlalo iPirates yathola ukudlaliswa kabi nalapho uMofokeng alidlale khona ngokushesha wanika uMabasa, akabange esapholisa amaseko walivalela enethini, lokho kushiye abadlali beStellenboch Fc benemibuzo eminingi kunompempe kodwa unompempe akashintshanga uqhubekile nokulikhomba emlotheni okuthe emva kwalokho yazama ukuhlasela iStellies okwenze ukuthi begcile belimala ngoba iPirates ithole ibhola yalihlaba phambili lathola uMofokeng eyedwa walivalela enethini umdlalo waphela ngo3-1.