Amahlathi okucasha amphelele umfoka Ximba ngoba ezakadalawane zivukele kuye namhlanje emva kokulunya indlebe ngendawo lomlisa abe bhace kuyo ngoba phela bebalekela umthetho emva kokubulala kanye nokuzama ukubulala.
UZamani Ngila Ximba obefunelwa icala lokubulala iPhini likaSotswebhu weNkatha Freedom Party (IFP), uMnu Khethamabala Sithole, kanye nelokuzama ukubulala abanye abantu ababili, ulimale kabi ezintatha ngoLwesine, 09 October 2025, eDuduza, Ekurhuleni.
Amaphoyisa athole imininingwane yokuthi uXimba ubesendaweni yokucasha eDuduza. Ngesikhathi amaphoyisa engena endlini, uXimba wakhomba amaphoyisa ngesibhamu amaphoyisa amdubula. Ngesikhathi ekhipha isibhamu kuXimba, kutholakale ukuthi abekhombe amaphoyisa bekuyisibhamu esifana nalesi abulala ngaso iPhini likaSotshwebhu.
USithole nabanye abantu ababili badutshulwa ngomhla zingama-31 kuNhlaba wezi-2025 ehostela eKatlehong. Ngemuva kwalesi sigameko, iProvincial Serious and Violent Crimes Investigations isebenzisane kakhulu neCrime Intelligence ukulandelela abasolwa.
UBhekukule Sithole oneminyaka engu-36 noMKhululi Sithole oneminyaka engu-33 baboshwe zingakapheli izinsuku ezimbalwa bathweswe icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Basaboshiwe kanti ukuvela kwabo enkantolo okulandelayo kungomhla zingama-20 kuLwezi wezi-2025.
UZamani Ximba, ohlonzwe njengomsolwa wesithathu unikezwe incwadi egunyaza ukuboshwa. Ubelokhu ebaleka kwaze kwaba yilapho amaphoyisa ethola indawo abecashe kuyo eDuduza.
I-Independent Police Investigative Directorate yazisiwe ngalesi sigameko.