Mhla izinsuku zimbili kuZibandlela (02 December 1856) kwakulwa impi enkulu yamadodana eSilo uMpande eyaziwa ngokuthi impi yaseNdondakusuka nethathwa njengempi yesibili yombango esizweni samaZulu jikelele. Bazokumbula abaningi ukuthi impi yokuqala kaZulu yombango ngeyeLembe lapho lalithatha khona ubukhosi ngodli,
Kulempi yaseNdondakusuka kwakulwa amadodana amabili eSilo uMpande okunguCetshwayo noMbuyazi kulempi umntwana uCetshwyo wayelwa ngebutho elalaziwa ngoSuthu nokwakuyibutho elalinamandla kakhulu ngaleso sikhathi futhi wonke amaqhawe ayegqishe khona. Kuthi umntwana uMbuyazi okuyena owayesekwa iSilo uMpande nakuba wayemncane kunoCetshwayo. UMbuyazi wayesekelwa ibutho iziGqoza nedlanzane lezinsizwa. Okwamphoqa ukuthi ecele ukulekelelwa abamhlophe nalapho walanda uJohn Robert Dunn.
Okwenzeka kulempi yaseNdondakusuka
Lempi yayibambene emfuleli uThukela, amabutho kaMbuyazi afulathela umngcele wombuso ngasosebeni lomfula iThukela ongezansi, owagcwale izimvula kwazise kwkuyisikhathi zasehlobo kuwunyaka wezikhukhula umfula waba ugcwele udla izindwani. UMbuyazi wenza ukuthi amabutho akhe ashise umugqa otshanini owawuzoba wuphawu lokungaphinde ahlehle njengoba ayezibophezele ukuthi uzonqoba, uma engafi enkundleni.
Ukuhlasela kukaCetshwayo okokuqala kwehluleka, kwanika amabutho kaMbuyazi isibindi nethemba ngemuva kokubaxosha. Kodwa uCetshwayo ubenezindawo ezanele zokuhlasela okwesibili. Kwabe sekuthunyelwa abalandeli bakaCetshwayo, kanye nabakwaMandlakazi ababengaphezu kwe-iziGqoza. Ibutho likaMbuyazi lakhungatheka. UMbuyazi nezingane zakubo ezinhlanu babulawa. Abanye bakhukhulwa wumfula ngesikhathi bezama ukubaleka. Ujenene osekhulile kaMpande uNongalaza, akazange abhukude waya endaweni ephephile.
UJohn Dunn namabutho akhe babengakwesobunxele sikaMbuyazi baphunyuka ngesikebhe esasilinde emngceleni waseNatali womfula, kuthiwa amabutho kaMbuyazi aphunyukile anqatshelwa indawo esikebheni. Ngokushesha impi yaphenduka ukubulawa kwabo bonke abalandeli bakaMbuyazi abasaphila