Izinkumbi zoDokotela bakuleli abangasebenzi balibangise eMgungundlovu ukuyozwakalisa ilaka lawo emnyangweni wezempilo wakulesifundaze ngokunganikwa imisebenzi bebe befunde bagogoda baze benza noqeqesho kusebenza iminyaka emibili nomunye unyaka owodwa wokusebenzela umphakathi kanti laboDokotela balinganisela emakhulwini ayisishiyagalombili (800). Usekela Ngqongqoshe wezempilo kuleli udokotela Sibongiseni Dlomo ulalele izikhalazo zodokotela nalapho athe ikhona intuthu efufusayo ukuthi ungqongqoshe wezezimali uzobafaka esabelweni sakhe, uma esephawula kusasa kwinkulumo mpikiswano mayelana neSona, uthe okukhulu kakhulu badinga isikhathi sokucubungula izikhalazo njengomnyango ukuze bezophuma nesisombululo esiphusile. Uthe abaphikisani ngalutho nezikhalazo zabo ngoba nabo bayigxenye yabo ngoba befuna impucuzeko nokunyuka kwezinga emnyangeni wezempilo ngoba nabo bafisa kubekhona abantu abafundele umsebenzi nabawuhloniphayo umsebenzi kuyo yonke indawo kuhlanganisa abahlengikazi nodokotela.
Okhulumela inhlangano yabasebenzi bomphakathi ( Purblic Servants Associations) uMlungisi Ndlovu naye uphawulile ngalesimo lapho bekhala ngohulumeni ohlulekayo ukuhlelela abasebenzi ingakho begcina sebengaphansi kwalegwadla ababhekene nayo, ngoba ukuqeqesha udokotela kuthatha iminyaka engaphezulu kwesthupha kodwa umnyango suke ungenalo uhlelo oluqondile lokwenza imali. Uthe lenkinga ayikho kodokotela kuphela kodwa nabahlengikazi babhekene nenkinga efanayo yokuqeqeshwa bejike bengaqashwa lokho okuyinkinga yomnyango kanye nongqongqshe wawo obukeka njengesehluleki ngoba akusiyo inkinga yabo ukuthi ayikho imali ngoba yibo abasuke benza inkohlakalo emnyangwemi. Lento abayenzayo iwukuhlehlisa izithelo zentando yeningi ngoba usomqulu wabasebenzi ukuthi kudengeka odokotela abampisholo futhi abasebasha, labo dokotela bakhona bagcwele umgwaqo bashoda ngemsebenzi ngoba uhulumeni uyahluleka ukubaqasha lokho okuyichilo elibhekene ngqo nabaphathi bomkhandlu.
ODokotela bathi bona akusilo iphutha labo ngoba sebezame ezindaweni zonke ezisesilungwini kanye nasemakhaya kunhlanga zimuka nomoya abaqashwa ndawo, lapho bakhala ngokuthi inkinga akusesiyoke imali yodwa nokuhlala nje ekhaya ungenzi lutho ufundile wagogoda kuynkinga enkulu esimweni sabo sempilo, kodwa bayazi bake basebenzela ezindaweni zasemakhaya lapho odokotela befika ngezikhathi ezithile ngenxa yokushoda kwabo nokwenza abantu belinde isikhathi eside ezibhedlela nasemtolampilo uhulumeni akabafakeke kulezondawo besebenze ngoba bona badinga umsebenzi nje qha abakhethi ndawo.