Umphathi wamaphoyisa esfundazweni saseMpumalanga uwashayele ihlombe amaphoyisa ngokuthola umdlwenguli ngokuphazima kweso. Umlisa oneminyaka engamashumi amabili nesthupha 26 ubudala udlengule wakhala amaphepha.
Intokazi ehlukumezekile eneminyaka engamashumi amabili neskhombisa 27 ubudala, ibizihambela ibuyaendaweni edayisa izinkamba zikaFaro,ibanjwe yahudulelwa ehlathini eliseduzane nomgwaqo ebihamba kuwokubuka amadoda amathathu nalapho efike yadlwengulelwa khona endaweni iMachadodorp ngeSonto,25 kuNhlolanja 2024 ngezikhathi zokubumbana kwehora lesishiyagalolunye 9 ebusuku. Kubikwa ukuthi lemikhufefe yamadada amathathu avele azibukela adlula,angenza mzamo wokusiza lentokazi.
Umgilwa ube eseya emaphoyiseni ukuyovula icala lokudlwengulwa. Amaphoyisa abe esethatha lentokazi ngokushesha eyiphuthumisa esibhedlela ukuyothola usizo nokugcina ubufakazi obudingekayo. Amaphoyisa abe eseqala ukuthungatha lomlisa lapho akabanjwe emsebenzini wakhe izolo,ngoLwesibili 27 kuNhlolanja 2024. Lomlisa oneminyaka eyishumi nesthupha 26 kulindeleke ukuthi evele enkantolo kaMantshi eBelfast kungensuku zatshwala.
Umphathi wamaphoyisa esfundazweni uManamela ucele ukuthi amalunga omphakathi ukuthi ebubike bonke ubugebengu obenzekayo emphakathini uma bebubona benzeka.”Ngaphandle kokudlwengulwa, umgilwa bengagcina ebulawe ngisho ukubulawa” exwayisa kwababonile.