Umnyango wezokuhlumeleliswa kwezimilo,ubambisene neminye imikhakha kwezokuqinisa umthetho usubebezele ukuba umphakathi ubabhekise umgulukudu oweqe ngomsombulukho 12 Nhlolanja 2024 esibhedlela esazowa ngeMamelodi Regional Hospital,igama lakho lomlisa mumbe nguClatta Gumbo.
Wavalela ejele ngo28 kuNcwaba 2018,nalapho akagwetshwa khona udilika jele ngamacala akawenza ukubalwa elokudlwengula,elokuthumba kanye nokushaya wagwetshelwa ejele iBaviaanspoort Correctional Centre khona eTshwana.
Lomlisake ubebhekwe ngelokhozi onogada okuyibo abebemyisa esibhedlela ukuyobona ungoti ngezokudla (Dietician),nalapho akasebenzise ithuba lokuphuca unogada wakhe inganono,wase ecela empunzini khona lakho esbhedlela.
Kube sekuthathwa izinyathelo ezinqala ukuphenya ngembangela eholele ekutheni lomgulukudu ugcine ukwazile ukweqa maqede uthi galo yephuka,nalapho kusabhekwa izimo ezenze egcine esebaleka eqa.
Umnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo ucela noma ubani ongaba nolwazi lokuthi lomlisa ngabe ubaleke washonaphi,ephuthume kunoma yisiphi isikhungo sokuhlumeleliswa kwezimilo esiseduze kwakhe eyoybika lendoda noma eye emaphoyiseni .
Bathe bakhuthaza ukuthi amalunga omphakathi ehlale eqaphile,ephinde abike noma ngabe iziphi izinsolo zobugebengu abazibonayo. Bakugcizelele ukuthi ukuphepha komphakathi ikhona okuza kuqala kwiyo yonke into ingakho bezokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthola lenswelaboya engu Gumbo beyinuyisele ezikhindini.