Ngoba kwaziwa ukuthi namhlanje usuku olukhulu esifundazweni sakwaZulu-Natal kubathandi bebhola lezinyawo njengoba idolobha laseThekwini lizobe libambe umdlalo wamanqamu kanobhutshuzwayo wendebe yeMTN Top 8 ophakathi kweOrlando Pirates vc Stellenboch enkundleni iMoses Mabhida nalapho amathikithi akhona edayiswe ngesikhulu isivinini aphela.
NeHluhluwe alisalanga ngaphandle njengoba abaqashwe uMTN ukuthi bezonandisa kulomdlalo badabuka khona kulendawo yaseMkhanyakude noma omunye esuka kwaMduku okunguLwa The Ndlunkulu, uMthandeni Manqele useMdletsheni kodwa bonke abaseHluhluwe. Ingakho sihalalisela nedolobha labo ukuthi alilincinyane ngokukhipha abaculi abasebalazweni.