Namhlanje endimani yomculo kamaskandi bathi ziykame ziykamile iyoqedwa izimbongolo ngoba zona ziza kancane. Lapho izinsizwa ezimbili esezizakhele ugazi kakhulu kubalandeli endimeni kamaskandi ngokudedela amanoni omculo ojabulisa abantu ezweni lonke lasaNingizimu Afrika. Lana sikhuluma ngoKhuzane Gatsheni Ndlovu ongowokudabuka oPhongolo olumanzabomvu, kanyenoSfanele Mzukulu Zulu yena odabuka oLundi olumahlikihliki.
Lezinsizwa zikhethe ukwenza imicimbi ezindaweni zangakubo lapho ezakhulela khona okuyinto enhle ukuthi umuntu engakhohlwa la akaphuma khona. Okube inkingake ukuthi bobabili bakhethe usuku olulodwa lokwenza lomcimbi, okuwusuku lwanamuhla 5 kuMfumfu 2024, lokhuke kulwenze lwaba usuku olukhulu kakhulu lolu esifundazweni saKwaZulu-Natal ngoba kumele abathandi bomculo kamaskandi bahlukane phakathi abanye bezoseka uMzukulu oLundi abanye beyoseka uGatsheni oPongolo.
Bazokhumbula abaningi ukuthi zombili lezinsizwa zenze kahle emculweni kamaskandi ngonyaka odlule ngoba bezinezingoma ebezikhipha ngisho itshitshi emgonqweni. UmfokaMageba yena ubemi ngeJuba ababethi bayolichutha phambili kodwa ngenhlanhla langachutheka bafika baliphatha kahle lavele lakhulupha. Ngakolunye uhlangothi umfoka Gatsheni betshela izinsizwa ukuthi azimbeke manje abe ingqwele endala uzozithengela ibhodlela ngoba bayambona ukuthi ukhipha amanoni omculo unyaka nonyaka. Zombili lezingoma zalezinsizwa bezingaconsi phansi kubathandi nabalandeli bomculo ikakhulukazi lokamaskandi.
Nabaculi bakamaskandi abahlukahlukene batshengise ukuyithakasela lemcimbi yalezinsizwa njengoba neslomo emculweni kamaskandi uMthandeni iGcokama Elisha Manqele ekubeke kwacaca ukuthi kuyo yombili lemicimbi uzobe ekhona lokho ubekuveza ekhasini lakhe kuFacebook, nalapho ebenxusa khona imphakathi eyakhele lezindawo kanye nabathandi bomculi kamaskandi ukuthi abaphume ngobuningi babo beyoseka lezinsizwa emsebenzini wazo omuhle.