Manqoba Mnqithi

Njengoba izolo emini yantambama iqembu lasePitoli elidla izambane likapondo limemezele umqeqeshi walo omusha odabuka ezweni lasePortugal uMiguel Cardoso. Kube sekuvela izinguquko eziningi kubasizi bakhe lapho kugcine kusale uStive Khompela ozoba umsizi wakhe kwathi uManqoba Mnqithi nesekela lakhe uRoman Folz ijazi lagcwala umoya.

Lesenzo senzeka nje uMnqithi usenezinyanga ezine vo njengomqeqwshi kulandela ukusula kukaRulani Mokoana obeyinhloko yabaqeqeshi eqenjini labafana beSundowns wayojoyina iqembu lasenhla nezwekazi Afrika ezweni laseMoroco iWydad Casablanca naye osemanzini abilayo ngoba izinto zimgayela ngelomhlathi . UMnqithi usanda kuhlulwa emdlalweni wamanqamu eCarling Black Lebel iqembu elingomakoti kuleli esgabeni esiphezulu iMagesi Fc.

Kusolwa abadlali beqembu asebenesikhathi bedlala eqenjini kanye nalabo ababengabadlali bakudala eqenjini ukuthi babe nomthelela ekutheni umfoka Mnqithi ekhonje indlela kuleliqembu lasePitoli. Noma kungaqinisekisiwe kodwa indaba kuthiwa isuka ngo Teboho Mokoana beno Khuliso Mudau abafake umoya wezikhova kwabanye abadlali begquqguzela ukungenami ngomqeqwshi. Kanti abadlali abadala nabo bebekhala esabo ukuthi uMnqithi akababoni nhlobo ngoba wabashiya wayokhetha uRoman Folz njengomsizi wakhe.

Yonke lencindezi ifikile kubaphathi beqembu base bethatha isinqumo esiphuthumayo sokuthola umqeqeshi omusha, kanye nokuqeda umsebenzi kaManqoba Mnqithi. Sikhuluma nje kuyimanje umqeqeshi kumele elungise amaphepha eyofesa ngoba umsebenzi uphelile.

Kuzo ezokuhamba kwabaqeqeshi emaqenjini namhlanje sesivuke ngezindaba ezithi uMabhudi Khanyeza usesulile kwiLamontville Golden Arrows njengomqeqesi wayo. Bazokhumbula abaningi ukuthi ngesizini ephelile leliqembu lenza kancono ngesandla sikaKhanyeza ebambisene noVilakazi naye owasula wayojoyina iNatal Rich Boys lapho kwakumele eyivikise izembe. Imvamake ukusula komqeqeshi usuke esethole amadlelo oluhlaza kodwa namanjeke akukaziwa ukuthi uzoyaphi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *