LIVELE ENKANTOLO IPHISI EMVA KOKUTHOLWA NEZIKHUMBA.

UJohn Mosikare (37) ngoLwesibili, 19 Novemba 2024 uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseTshidilamolomo ebhekene namacala okutholakala nezilwane ezisengozini yokuphela ngokomthetho weNational Environmental Management Biodiversity Act 10 ka-2004.

NgoLwesihlanu, zingama-15 kuLwezi 2024, amalungu e-Serious Organised Crime Investigation azinze eMahikeng alunywa indlebe ngomuntu owayezingela ngokungemthetho.

Lolu lwazi lusebenzile kanti ngokubambisana namalungu e-Mahikeng Tactical Response Team, umuzi womsolwa osesigodini saseMoshawane ngaseTshidilamolomo waseshwa.

Ngesikhathi kuseshwa, kutholwe izidladla zezilwane ezine (4) nesidumbu sengwe. Umsolwa ubengenayo imvume yokuba nezilwane. Wabe eseboshwa.

Uvele ngaphambi kwenkantolo wadedelwa ngebheyili ka-R300-00. Udaba luhlehliselwe umhla zingama-21 kuNhlolanja wezi-2025 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Ibamba leNhloko yoPhiko lwe-Directorate for Priority Crime Investigation, uBrigadier Silas Munzhedzi kanye noMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi eNyakatho Ntshonalanga, uDkt Rachel Makhari batuse ithimba labaphenyi nabashushisi, baxwayise umphakathi ngokuzingela izilwane zasendle ngokungemthetho. ibeka usongo ezilwaneni ezisengozini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *