Lomdlali weqembu laseMelika aphinde abe ukapteni wezwe lase Argentina uMessi uphakamise isandla esephuma enkundlebi,lapho ebekade ebonga abalandeli abahlale bebasekele behamba nabo noma ngabe bayodlala kude noma eduze. Izolo ngoLwesine iqembu Inter Miami belinomdlalo walo wokuzilolonga wokugcina ngaphambi kokuqala kwemidlalo. Lapho bincweka neqembu lika Messi owayelidlalela ebunganeni bake.
Messi akabanga nenhlanhla yokushaya inqaku kulomdlalo, nalapho akaphinde wageja ekhahlela ngenkululeko okuthe ngomzuzu wamashumi ayisisthupha wangena nabadlalo ebagcwenga njengamanzi, nalapho iqembulakhe lithole inqaku lokulinganisa umdlalo ogcine uphela zibambene ingekho egobe uphond Inter Miami 1-1Newell’s Old Boys.
Izindaba ezinhle ukuthi uMessi obonakale engumqemane, esesimweni esihle esikulungele ukudlala ngoba nje begijima,eshesha,ejikakana nalapho ebeshiya abadlali basemuva bebambe ongezansi. Akubonakalanga ukuthi wayelimele enqulwini nalokho okumvimbe ukuthi adlale eminye imidlalo yokulungiselela ukuqala kwesizini ebidlalwa eHong Kong ekuqaleni kwalenyanga kaNhlolanja.
Uqeqeshi we Inter Miami uTata Martino uthe uMessi uzizwa ephila njengosheleni emva komdlalo wabo omjabulisayo uyakholelwa ekutheni useluleme kahle.