Amalungu oKlebe ePort Shepstone Serious Organised Crime Investigation abophe uSergeant Ntokozo Mngqithi (34) ngenkohlakalo nokwehlula ubulungiswa.
USergeant Mngqithi owayevele eboshelwe ukubulala ingoduso yakhe, uSergeant Ntombi Mbanjwa ubekwe icala lenkohlakalo elenziwa ngoNovemba 2022. UMngqithi ubephenya icala lokubulala ngokungenhloso ngemuva kokuba iloli lishayisane nemoto encane kwashona abagibeli abayisikhombisa.
Kusolwa ukuthi uMngqithi wathintana nomshayeli weloli wafuna intshontsho lemali engango-R60 000.00 ukuze anyamalalise idokodo. Impela ubufakazi obuthile obubalulekile abuzange bulethwe phambi kwenkantolo naphezu kwemiyalelo eminingi edokodweni. Kuthiwa waqamba amanga ngalobo bufakazi icala lahoxiswa okwesikhashana.
Lelo dokhethi labe selinikezwa omunye umphenyi kwatholakala umdlalo ongcolile kaMngqithi. Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo loKlebe kwatholakala ukuthi uMngqithi ukhokhelwe imali engaphezu kuka-R30 000.00 ebhange lakhe. Uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMzwimkhulu izolo wagqunywa esitokisini.
Icala lihlehliselwe umhla ziyi-19 kuZibandlela wezi-2024 ukuze kufakwe isicelo sebheyili. Umsolwa usazoqhubeka ebhadle ejele.